Ezenkolo

WAQALWA NGABEFUNDISI UMGWAQO OSUKA ENYONI UYA EKHANGELANI

UKUSUNGULEKA kwebandla i Evangelical Lutheran Church of Southern Africa (ELCSA), amaLuthela, eGcotsheni, Samungu, Khangelani, Mamba, eNtumeni, eShowe (kwaMondi), Otimati, nako Ntunjambili, kwabaphoqa abefundisi bamaLuthela bangaleso sikhathi ukuba bakhe izindlu zamasonto, kodwa babebhekene nenselelo yokungabi bikho kwemigwaqo yokuletha izinto zokwakha kulezo zindawo ezase zinikelwe ukuba kwakhiwe kuzo.

Umgwaqo osuka eNyoni uya koNdulinde, Gcotsheni, Samungu, Khangelani, waqalwa ngabefundisi bamaLuthela, ikakhulukazi uMfu Nero Majubane. Nguyena uMfu Majubane owenza nokuthi kube nezikole nemitholampilo. Lo mlando uxoxwe nguMbhishobhi L Sibiya (osesithombeni) wamaLuthela, exoxa umlando wokwakheka kwesikole iGcotsheni HP School, eGcotsheni kwesakwaBiyela, eShowe, sigubha iminyaka eyikhulu sasungulwa.

USotobe uthe ukwakhiwa kwendlu yesonto eGcotsheni, eSamungu naseKhangelani, kwaphoqa abefundisi bamaLuthela ukuthi bakhe umgwaqo okwakuzohamba kuwo izinqola ezithwele izinto zokwakha, ikakhulukazi uthayela, ngoba kwakusakhiwa ngamatshe. Yizo-ke lezi zindlu zamasonto ezagcina seziyizikole,iningi lazo ezazigcina ebangeni lesibili, iGcotsheni engenye yazo.

UMbhishobhi Sibiya uthe lomsebenzi ongaka osatuswayo namanje, waqala ngonyaka we 1834, ngokufika eKapa kwabefundisi abane baleli bandla, bevela phesheya kwelamaNoki. Uthe leli bandla laqala ukubonakala koGcotsheni ngowe 1896 emuva kwempi yamaNgisi namaZulu, eyalwela eSandlwana, ngowe 1879. Waqhuba wathi ngowe 1958 laqalwa e Cleremont, eThekwini leli bandla, kodwa kusengabamhlophe abaningi.

Uthe uMvangeli womdabu ongu Julius Mthethwa nguye owashumayela kakhulu nganeno koThukela ukuba lisabalale leli bandla, emuva kokuba eye emhlanganweni wabefundisi owawuse Otimati,kwaMaphumulo. Uthe wayesebenza ngokuzikhandla eshumayela nomkakhe uMaMpungose.

UMvangeli Mthethwa waqala umsebenzi koHlungwini, Mamba, Samungu, okusobala ukuthi noma engayibalanga iGcotsheni, kodwa iSamungu neGcotsheni kwakhelene. Kukhona futhi neKhangelani ngaphambili uma usubheke koMbongolwane, lapho kulele khona uMntwana uMthonga kaMpande, ukhokho wamakhosi aseNgudwini, Hlungwini, nase Samungu.

Uthe kodwa uMfundisi wokuqala womdabu owaqala ukushumayela eSamungu, ngu Mfu Simon Ndlela, owayevela eMamba. I Nowergian Mission Society, yakugunyaza ukuba agcotshwe kwakhe, enkonzweni eyayise Mpangeni. Ngowe 1926 sekukhona no Mfu Petros Siphethu Lamula, kwaba nesixakaxakana ebandleni, uMfu Lamula wayishiya i Nowergian Mission Society.