ISIBINDI nokuzinikela emsebenzi wobuPhoyisa koMphathi wamaPhoyisa esifundazwe selakwa Mthaniya, iKwaZulu-Natal, sekumenze waklonyeliswa ngendondo esike yaklonyeliswa uMongameli wezwe, uMnu Cyril Ramaphosa, nowayeyiNhloko yamaJaji u Adv Mokgoeng Mokgoeng.

Inhlangano enkulu yakuleli ebhekele ezibucayi, i Institute of Risk Management South Africa (IRMSA), isiphinde yaklomelisa esinye isikhulu sikaHulumeni wakuleli, esinguMphathi wamaPhoyisa e KZN, uLt Jenene Nhlanhla Mkhwanazi. Lendondo ibizwa nge Risk Influencer of the Year.
Umthombo wezindaba obike lolu daba ku MSN, uthe u Lt Jenene Mkhwanazi, udabuka endaweni yezifundiswae Edendale, okuyindawo edume ngesibhedlela i Edendlale Hospital, ne Edendale Vocational College, ebidume ngele Vovo, inzima kakhulu ebholeni lezinyawo eminyakeni yama 70s kuya kuma 80s.
Isibhedlela sase Yideni sike saba sematheni kwezepolitiki ngowe 1986, ngesikhathi kweqiswa kwesiguli esingu Mnu Robert McBride, ebesiqashwe kakhulu ngamaphoyisa, emuva kokuboshelwa ukuqhunyiswa ngebhomu kwe Magoo’s Bar, ebhishi laseThekwini, kwafa abelungu abathathu, kwalimala abangama 73.
Kulula ukuthi bekungabelungu ngoba ngaleso sikhathi yibo kuphela ebebevunyelwe ukusebenzisa lezi zindawo zokungcebeleka edolobheni iTheku. Abamnyama bebekhonjwa eMgababa Holiday Resort, nasemalokishini, ko Executive Hotel eMlazi. UMnu McBride ubekwenza lokhu eqhuba imishini yoMkhonto weSizwe (MK), ebiwuPhiko lweMpi lwe African National Congress (ANC), njengeMkhuzi nesosha layo.
U Lt Jenene Mkhwanazi uhalaliselwe nanguMphathi wakhe, uJenene Fani Masemola, onguKhomishina kuzwelonke. U Lt Jenene Mkhwanazi lomklomelo uwemukele kuMphathi we IRMSA uNksz Yvone Mothibi, ephekezelwa ngesinye isikhulu sayo uMnu Bheki Gutshwa.
