SEKUVELE ukuthi isililo sabantu bakuleli, ngokubiza kokudla ezitolo, sekwenze ukuba uMongameli Cyril Matamela Ramaphoso ahlongoze ukususa intela ebizwa nge VAT ekudleni okudingwa kakhulu ngabantu ukuze baphile.

Ukwenza lokhu nje, sekuze kwayizikhawu ezine zilandelana kuleli kwehla intengo kaphethiloli nodizili, okungenye yezimbangela zokubiza ukudla. Kuyaziwa ukuthi udizili usebenza kakhulu kusukela ukudla kutshalwa emasimini, kuze kuyofika ezitolo. Ukubiza kwawo kuyawathinta amanani okudla ezweni. Nokho ukusimama kwerandi lakuleli uma liqhathaniswa nedola laseMelika, kwenza isimo somnotho saleli ukuba sisimame.
Kwenzake lokhu nje, ngoMsombuluko uMnu Ramaphosa uzokube eseqala ukuhlala esihlalweni esisha, sokwengamela inhlangano yamazwe asethuthukile, nathuthuka ngesivinini, nasathuthukayo, iG20. Ungena kulesi nje, usanda kudedela esika Sihlalo we BRICS, asanda kusedlulisela kuMongameli wase Russia, uMnu Vladimir Putin. ingqungquthela ye G20, i G20 Summit, izokuba lapha kwelengabadi ngonyaka ozayo.
