SELUNABASHAYELI abasha uhlelo lwasemini ngeSonto, emsakazweni wamakholwa obuzinze eThekwini, kodwa osuthuthele e New Germany, i Highway Radio.
Laba basakazi, yisilomo somsakazi wezinhlelo zezenkolo esisebenze kakhulu ku Vibe FM yaKwaMashu, kanti sake sasebenza nakomunye wamakholwa ose Verulam, i Goodnews Radio, u Wiseman Mpunzana, odume ngeleMpunzi, odabuka eMthandeni kwaMaphumulo, kodwa osesinze KwaDukuza.
IMpunzi loluhlelo ilubamba nentokazi engu Zikhona Mnyaka. Osekwehlukile eMpunzini manje, wukuthi manje isisakaza ngoMbrithishi, kanti ku Vibe ibisakaza ngolukaMageba, nokho lolulimi lufike ekhaya kuyo ngoba ubuthisha ibuqeqeshelwe ekolishi ebelisifundisa kakhulu isiNgisi, eShowe College of Education.
Emuva kokufunda ezikoleni zakubo eMthandeni nakoMnsonono, ilibangise eGingindlovu isiyokwenza umatekuletsheni wayo, eMoyeni High School. Lesi sikole esisemagcekeni e Holy Cross Mission, sesakhiqiza izifundiswa eziningi, kubalwa no Solwazi Nhlanhla Khubisa, okade esePhalamende enguNobhala-Jikelele we National Freedom Party (NFP), osenguMfundisi manje. No Dkt Goodness Gumede, ofundisa eNyuvesi yaKwaZulu-Natal.
IMpunzi igcine-ke isiyofundela ubuthisha eShowe. Iqale ukufundisa eVukile High School kwaMaphumulo, kusafunda uNonhlanhla Mroza Buthelezi, umsakazi woKhozi FM. Idume kakhulu ngezinkulumo zayo ezingosizi oludalwa wukwaliwa emphakathini nasekhaya (Rejection). Isingu Sekela-Thishanhloko kwesinye sezikole zaKwaDukuza, kanti ibambe iqhaza elikhulu ebandleni ekhonza kulo i Truvine Community Church, KwaDukuza. Loluhlelo abalubambe noMaMnyaka, belushayelwa ngu Nomagugu Mbuli, no Mandla Mayise.

