Ezenkolo

UNKULUNKULU UKUNIKA OKUDINGAYO HHAYI OKUFUNAYO

INKOSI yamakhosi uJesu Kristu, entshumayelweni yayo yokuqala iqala umsebenzi kaYise, ebizwa ngokuthi yiNtshumayelo yaseNtabeni, izwakala yeluleka abantu ithi mabafune kuqala umbuso kaNkulunkulu nokulunga kwakhe, okunye-ke sekuyovele kwenezelwe kubo (Mathewu 6:33).

Inkosi yayichaza ukuthi umuntu kufanele aqale ngokwakha ubudlelwane noNkulunkulu, abe ngobhalisiwe embusweni wakhe. Ngokwenze njalo usuke esezifake embusweni, okwenza abe ngobalwayo uma kwenziwa i bhajethi yasembusweni. Ngesikhathi-ke esekhuleka ecela, enxusa, etusa, ebonga, edumisa, sekuyaziwa embusweni ukuthi ngubani lo okhulumayo. Kube-ke sekunezelwa lokho akudingayo empilweni. Izidingo ezinkulu zomuntu angeke aphile ngaphandle kwazo, wuphahla (okuyindawo yokulala), nokudla kwansuku zonke, namanzi, nokokwembatha. Okunye-ke akusezona izidingo, sekungakufunayo nje umuntu ukuze impilo ibe mnandi.

Ngike ngalalela intshumayelo yensizwa esencane esafunda isikole KwaNonhlevu High School, KwaDukuza, ithi uNkulunkulu umuntu akamnikezi akufunayo, kodwa umnikeza akudingayo. Ingimangalisile lentshumayelo ivela kumfana omncane ngendlela eyisimangaliso, ongumzukulu kimi. Uyisho lendaba umfama omncane walivula amehlo ikhehla elidala eliyimina, elihlale likhulekela izimoto. Imoto iyisidingo noma iyisifiso ? Empeleni imoto eyisidingo yitekisi nebhasi, okungeke kunyakaze lutho uma kungekho. Ukuba nemoto yakho, sekuwumbuso lowo.

Inkosi ithi masingafuni umbuso kuphela (okuyibandla leNkosi), kodwa kufanele sikufune nokulunga kwakhe. Lokho kulunga uma sekukuwe, kwenza umqonde kangcono uNkulunkulu. Umqonde nokuthi ufunani, yikhona ungezukucela izinto ezingenasidingo. Kudingeke ngani nje ukukhulekela ukuthi uNkunkulu akuphindeselele kubantu obabiza ngezitha zakho ? Bona abasebona yini abantu bakaNkulunkulu ? Ucela uNkulunkulu ukuba akulwele izimpi zakho ? Kwenza ukuba umqonde futhi umazi uNkulunkulu, ungaze umbize ngesigoloza esimehlo abomvu.

Kunezinye izinto futhi kulentshumayelo yasentabeni inkosi esiqwashisa ngazo. Ethi masizenze ukuze sifumane umusa kuNkulunkulu. Ithi masibathethelele abasonayo, ngaphambi kokuba nathi sicele intethelelo kuNkulunkulu. Ithi buyisana nomfowenu. Uma uthi uyanikela enkonzweni, bese ukhumbula ukuthi uphambene nomfowenu (ngomfowenu ayisho ozalana naye kuphela, isho bonke abantu), ithi yeka ukunikela, uphuthume ukuyobuyisana nomfowenu. Ngamanye amazwi uNkulunkulu ufuna umnikelo ovela kumuntu ongenamagqubu nezingxabano.

Ibuye ithi ungabizi umfowenu ngokuthi silima. Ibuye ithi musani ukuba nabantu enibabiza ngobaba lapha emhlabeni, ubaba munye, usezulwini. Lapha inkosi ayisho obaba bethu nontanga bobaba bethu, kodwa ikhuluma ngalaba bantu esasesababiza ngobaba emhlabeni, esebethathe indawo kaNkulunkulu.

“Kodwa funani kuqala umbuso kaNkulunkulu nokulunga kwakhe, khona konke lokhu kuyakwenezelwa nina” – Mathewu 6:33.