Ezenkolo

ISIKHATHAZA ABACULI EYOKUGULA KUKA ZANELE MBOKAZI-NKAMBULE

AKUBAPHETHE neze kahle abaculi bomculo wokholo nabeFundisi, ukugula nokungezwakali emoyeni isikhathi eside kwesilomo somsakazi woKhozi FM, u Zanele Mbokazi oshadele kwa Nkambule (osesithombeni), obuye abe nguMsunguli wama Crown Awards, asebeke ebalazweni abaculi abaningi bomculo wokholo.

Ukukhathazeka kwabo sekubenze bahlela inkonzo enkulu yokukhulekela lomsakazi ezokuba zingama 23 ku June, kophezulu e GNF Church, ngase Game City, eThekwini. I Game City icishe iqondane ne Durban Station. Kuyafikeka ngezinyawo uma usuka khona e Durban Station. Inkonzo iyoqala ntambama ngehora lesibili. I GNF yibandla lika Mbhishobhi Nhlapho.

Esitatimendeni i Xolani Weekly Journal esithole ku Solwazi Nhlanhla Khubisa, owake wafundisa isiNgisi eNyuvesi yase Zululad oNgoye, waba nguNobhala we National Freedom Party (NFP), sithi wonke umuntu uyamenywa ukuba kule nkonzo. Ibizwa ngokuthi yi KZN Ayihlome eShilo. isitatimende sisayindwe ngu Nksz Ninny Mbelu.

Abalandela lomsakazo kuyabethusa ukugula nokuhamba ngokulandelana kwabasakazi balomsakazo besebasha. Kwabangasekho kungabalwa nje o BK Mchunu osanda kuhamba beno Irvan Sihlophe. Abanye ngo Daddy Masinga, Mandla Ngcobo, Mr Radio, iXolani Weekly Jornal engasalikhumbuli igama lakhe, no Sicelo Mbokazi. I Xolani Weekly Journal lapha ayikhulumi ngabasakazi ngabadala abanjengo Kansas Mchunu nabanye.

Abasakazi asebeke bagula kwabanjwa umoya kulomsakazi ngo Zimiphi Zimdollar Biyela, no Nonhlanhla Mroza Buthelezi. Nokho basinda. Emuva kwalokho kube sekubambeka oMbokazi, Mchunu no Sihlophe.