UZIKHIPHILE nethimba lamaKhatholika uFata Sipho Mbatha, bavakashele ekomkhulu laleli bandla, e Vatican City, e Rome, lapho kuyihlalankosi khona lomholi walo, uPhapha Francis.
U Fata Mbatha utshele iXolani Weekly Journal ukuthi ziyakhala ngempela laphaya, sebeze bathamela namamisa aholwa yiyo inhloko yebandla uPhapha Francis. Esithombeni uvela ephephezelisa ifuleki lase South Africa njengoba laphaya mihla namalanga kuthutheleka izivakashi ezivela emhlabeni wonke.
USontshikazi nguye ohola amakholwa aseNdlangubo, eMaNzimeleni, eMacekane ko 3 Seconds, nase Fatima Mission.

