Ezenkolo

OWASE NQUTHU OSANDA KUBUYA E KENYA UGUBHE OLWEMINYAKA ENGAMA 25 ENGUMFUNDISI

UMFUNDISI webandla lamaKhatholika, ophethe i-Cassino Mission (Parish), eNquthu, osanda kubuya ukuyoqhuba izifundo zakhe kwezenkolo e-Nairobi, kwelase Kenya, ngeledlule ubegubha namakholwa  kanye nozakwabo iJubhili leminyaka engama 25 wagcotshelwa ubupristi, egcotshelwa e-Holy Cross Mission, eGingindlovu.

UFata Sifiso Ntshangase, ugcotshelwe ubupriste ngowe 1999, eMishini yamaKhatholika eseGingindlovu.  Ugcotshwe nguMbhishobhi weSifundabhishobhi saseShowe osewalala,  uMbhishobhi Mansuet Dela Biyase.  Ugcotshwe kanye nomfana wendawo khona eGingindlovu, uFata Sizwe Heribert Mkhoza OFM, wakwaMangqakaza, eMacambini. 

Bazokhumbula abase Holy Cross ukuthi mhla kugcotshwa uFata Mkhonza, bekugcotshwa futhi noFata Ntshangase.  Useke wasebenza nakule Parish uMgazi.  Usebenze ngesikhathi esinzima ibandla lamaKhatholika e-Holy Cross lisahlaselwe zigulugulu.

Umgazi uke waba nguMsizi woMbhishobhi weDayosisi yaseShowe, ngaleso sikhathi uqale nokuzwakala eshumayela emsakazweni uKhozi FM.  Ube eseya e Marist International University College, esedolobheni eliyikomkhulu lezwe lase Kenya, i Nairobi.  Ubuye wayeseyosebenza namakholwa ase-Cassino, eNquthu.

Inkonzo yomcimbi wakhe ibiholwa nguKhadinali Mbhishobhi Wilferd Napier OFM, osabambe njengoMbhishobhi weSifundabhishobhi sase Showe.  Cishe bebekhona bonke ozakwababo uMgazi asebenza nabo kulesi Sifundabhishobhi.

Udaba olunezithombe zomcimbi luzolandela.