OSOMNOTHO bakuleli bathi zingase zingabi zimbi kakhulu izindaba ezizokwethulwa nguNgqongqoshe omusha woMnyango wezeziMali kuleli, uMnu Enock Godongwane, kusasa ngoLwesine.
Bathi idolo liqiniswa wukuthi isimo sezimali kwingcebo kaHulumeni sibonakala sihamba kahle kakhulu kulonyaka wezimali.
Bathi yenyuke kakhulu imali eqoqwe nguHulumeni ngenxa yokusimama kwezimayini. Sihle futhi isimo emalini yentela esiqoqiwe, isize yathi ukwedlula kuleyo uHulumeni abeyilindele ngalesi sikhathi.
UMnu Godongwane, ozokube eqala ukukhuluma nesizwe, uzokube ethula uhlelo lwezimali lukaHulumeni lwmaaphakthi nonyaka.
Amehlo-ke azokube ethe njo kumntaka Godongwane kwazise ikati lilele eziko emizini eminingi kuleli ngenxa yokuncipha kwamathuba emisebenzi.
Kwembulwa kwembeswa nasemnothweni wezinkampane eziningi, nasemphakathini nje ngenxa yokuma ngenhla kwesifo se Covid 19, esesiqede imisebenzi.
Nohlelo luka Eskom lukacimicimi, lumi nesagila emabhizinisini nasemphakathini, okwenza isizwe siphefumulele entanyeni kuHulumeni.
Abazaziyo bathi akekho uMongameli wezwe owake wathwala kanzimaukwedlula lo osesihlalweni manje uMnu Cyril Matamela Ramaphosa.
Bathi uthe engena nje esikhundleni wayethola umbhabhadiso womlilo. Yonke lemikhonto esibaliwe, icije yabheka yabheka ngakuye.
Ngisho ugibele itekisi ayipheli inkulumo yabagibeli ungamzwanga othi; “Ngu Ramaphosa”. Nokwehla kwamavoti eqembu aliholayo i African National Congress (ANC) kubhekiswa kuye njengomholi.
ISiNXEPHEZELO SABANGASEBENZI
Abazinquma amakhanda baziyeke bathi nacho ukungenzi kahle okhethweni kukaKhongolose kungase kuzithambise izinhlziyo zabaholi. Bathi kungase kuveze ‘idanono’ elinoshukela elibizwa ngesibonelelo sabangasebenzi emindenini.
Okuyi Basic Income Grant (BIG), okuqagulwa ukuthi ingaba ko R1100 ngenyanga.
Nokho lokhu osomnotho bathi kuzoncika esimweni somnotho wezwe. Kulindeleke ukuba akucacise lokhu kusasa uMnu Godongwane.
Umbuzo wabezomnotho uthi ingakumela yini lokhu iSouth Africa ngenxa yokwehla kwesibalo sabakhokhi ntela ngokuncipha kwemisebenzi. Nokukhinyabezeka kwamabhizinisi amancane nawo afaka intela eningi kuHulumeni ngenxa ye Covid 19.
Nokho abanye bathi lokhu kungenza abanye bangabe besazihluphi ngokufuna umsebenzi. Lolu akulona uhlelo luka R350, ngoba lolo luphuma esikhwameni iSolidarity Fund, esibhekelela isimo esidalwe yimiphumela ye Covid 19.
USihlalo walesisikhwama ngu Nkk Gloria Serobe. Abahlaziyi bathi kungenzeka uNgqongqoshe asebenzeea phezu kwalo loluhlelo lo R350 oselukhona.
Isililo esingehli yilesi sokungenzi kahle kwamabhizinisi kaHulumeni, ama State Owned Enterprises (SOEs).
Lamabhizinisi yiwona okulindeleke ukuba angenise imali, kodwa iningi lawo asekhangeza kuHulumeni.

