KUZWAKALA ukuthi sekunogalakajana abaphume uphumo lokuwaka abantu abafuna umsebenzi, bebakhokhisa izimali, bethi bazobatholela umsebenzi kuMasipala waseMandeni.
Isitatimende esithunyelelwe abezindaba yiHhovisi lezokukuXhumana kulo masipala sithi uMasipala ukuguHulumeni, ngakho-ke akukho muntu othola umsebenzi ngokuwukhokhela.
Ngisho kungaseyena njeke uHulumeni, kodwa nje akukho msebenzi okhokhelwayo ngaphambi kokuba umuntu awuthole.
Lomasipala uthi uthole ngoPhiko lwezokulwa nobugebengu ukuthi sekunabantu abaholwa ngabantu abanamagama nezibongo angekho, abahambe betshela abantu ukuthi baqashwe nguMasipala waseMandeni.
“UMasipala waseMandeni ufuna ukukubeka kucace nje ukuthi akukho zisebenzi ezinjalo, kodwa yizigelekeqe nje lezi, eziqola labo abafuna umsebenzi.
“Ayanxuswa amalunga omphakathi ukuba angalokothi akhokhe, kumbe athembise ukukhokhela laba abathi baqashwe nguMasipala, noma-ke kwenye indawo,” kuqhuba isitatimende.
Naphezu kokuba sebexwayise kaningi abantu ngalokhu, kodwa babonakala besaqhubeka behehwa yilezi zigilamkhuba.
Kufanele kwazeke ukuthi uMasipala unenqubo ecacile yokuqashwa kwabantu. Imisebenzi iyakhangiswa ngokuvulekile.
Bese behlungwa labo abafake izicelo. Labo abahlungiwe bamenywe ukuba kuzokwenziwa inhlolo-khono kozofanela ukungena kowo msebenzi.
Akukho ndlela-ke engenza ukuthi umuntu ongaqashiwe acelwe ukuba akhokhele uqeqesho kumbe inyumfomu. Empeleni izisebenzi azilukhokheli uqeqesho nenyumfomu.
Imisebenzi kaHulumeni kumbe kaMasipala ayithengisi, ngakho-ke uma kukhona ofuna inkokhelo kuwe, kufanele umbike emaphoyisenbi aseduz,e noma ushayele ucingo kuloluPhiko lokulwa nobugebengu i Anti-Fraud and Corruption Hotline ku; 0801 111 660. Noma kwi-Hotline kaMongameli ku 17737:
Ungathumnela ne email ku: ceo@mandeni.gov.za.
Kungathintwa neHhovisi lezokuXhumana likaMasipala waseMandeni. Kuthintwe iMenenja yezokuXhumana uMnu Mdu Manzi ku email ethi; Mduduzi.manzi@mandeni.gov.za), noma ka uMnu Sibani Zondi ku email ethi; marvellous.zondi@mandeni.gov.za. Inombolo kaMasipala ithi; 032 456 8200.

