Izindaba

KUBUYELWA KWACEZA KUSASA

UMLANDO uthi iminyaka yokuqala yokubusa kweSilo sasoNdini, uDinuzulu kaCetshwayo kaMpande, sayichitha ehlathini lakwaCeza ngenhla yababeyibangisa embusweni.

Umlando uveza nokuthi kukhona lapha ehlathini laKwaCeza inkolo yobuKristu yangena khona endlunkulu, ingena ngebandla lamaSheshi.  Emuva komkhuleko kukhulekelwa inhlakahle yeSilo, sakubona ukubaluleka kwalenkolo.  Lokhu kufakazwe nasenkulumeni yeSilo uMisuzulu kaZwelithini lethula inkulumo kuwo lomcimbi ngonyaka owedle.

ISilo esisanda kukhothama, uZwelithini kaNyayezizwe, sasungula usuku lokukhumbula lezi zigigaba zaKwaCeza.  ISilo esisesihlalweni manje, iSilo uMisuzulu kaZwelithini siyayiqhuba nalemibungazo.  Kusasa kulindeleke ukuthi uZulu wonke nonomthebe wawo amabombo uwabhekise khona KwaCeza kuyogujwa lomkhosi.  

Kuzokhumbuleka ukuthi ngonyaka owedlule uHulumeni waKwaZulu-Natal ubuhlele umcimbi wokukhumbula iSilo sasoNdini, ngephuzu lokuthi ngesikhathi kusungulwa i African National Congress (ANC) ngowe 1912, saba nguMkhuseli walo leli qembu.  Kuzokhumbuleka nokuthi uHulumeni waKwaZulu-Natal ngonyaka owedlule ubuphethwe yiyo i ANC.

Lowo mcimbi ube yindaba egudwiniezweni lonke kulandela ukuhlwithwa kombhobho kuNdunankulu weSilo, uMfu Thulasizwe Buthelezi, ngesikhathi esayiqala inkulumo yokwethula iSilo.  Wephucwe ngobephethe uhlelo, futhi engu Sihlalo we ANC, uMnu Siboniso Duma.  

Sekuhlakazekiwe ntambama ngalolo suku, kube khona abazithole sebegqenywa izingozi, abanye batitinywa kabana bagcwala esibhedlela saKwaCeza.  Kusolakale ukuthi laba benzakaliswe ngabebecasulwe yisenzo ebese senzeke kulomcimbi, leso sombhombho.