BEKUYIMPELASONTO yomunyu elokishini lase Sayidi, iGamalakhe, ngoMgqibelo ngesikhathi kuba nezinkonzo ezimbili zongcwabo ezindaweni ezahlukene kuleli lokishi.
Ehholo leGamalakhe Tvet College, bekunenkonzo yokufihla iKhansela le African National Congress (ANC), laku Ward 24 we Ray Nkonyeni Municipality, uKhansela Sihle Ndlela, odabuka eMsinga, kodwa obesenomuzi eNyandezulu, KwaNdwalane. Lenkonzo ebisingethwe nguMasipala we Ray Nkonyeni nebandla abenguMshumayeli walo uKhansela Ndlela, iBandla likaKristu (Church of Christ), ibihanjelwe nayiziMeya ezimbili ezethule nezinkulumo kulenkonzo, okungu Khansela SI Mqadi, oyiMeya yoGu District Municipality, neMeya ye Ray Nkonyeni Municipality, uKhansela Zodwa Mzindle.
Nangalena oGwini Sports & Leisure, bekunenkonzo yomngcwabo wesikhulu esike saba nguSihlalo wezezindiza kuleli, i South African Airways (SAA), uNkk Dudu Myeni. UNkk Myeni ubebuye abe nguSihlalo we Jacob Zuma Foundation, okungethusanga ukumbona ekhona uMsholozi kule nkonzo. Kuzwakala ukuthi nakuba uNkk Myeni ebaziwa kakhulu ngokuba ngowaseMpangeni, kodwa ubedabuka khona e Port Shepstone. Lenkonzo ibihanjelwe yizo zonke izikhulu zezwe ongazicabanga.
Bonke abethule izinkulumoenkonzweni kaKhansela Ndlela, kubalwa nabafowabo ababili nabo abangothisha, nebandla, bebevumelana ngokuthi uMza Ndlela ubehlelekile kuyo yonke into ayenzayo. Eyiqhathanzipho, futhi ezinikele okholweni. Zozombili iziMeya ezikhulume enkonzweni yomngcwabo kaKhansela Ndlela, zidalule ukuthi ukuqokwa kwakhe ukuba ayongenela ukhetho lokuchibiyelka ku Ward 24 akubanga lula. Nokuthi esezethula kubavoti akazange enze izethembiso ezinkulu nenkulumo ende.
Zithe wavele wathi yena unezimali zakhe akazukweba mali yamuntu, futhi uyazikholelwa yena. Waqeda lapho umfoka Ndlela wazihlalela phansi. Into yakhe ebigqanyiswa kakhulu yizikhulumi, wukugcina isikhathi kuyo yonke imihlangano, kanti nasezinkonzweni ubenjalo. Kubatshazwe nokuthanda umndeni wakhe, njengoba kuthiwa belingapheli emlonyeni wakhe igama lomkakhe uMaZikalala.
UMza Ndlela uqede ibanga leshumi e Kranskop High School, KwaNtunjambili, wayeseyofundela ubuthisha eShowe College of Education, enza i Junior Secondary Teachers Certificate (JSTC). Ibingakafakwa kuleli kolishi i Secondary Teachers Diploma (STD). Uphume lapho wayofundisa eTshana High School, naseNkwenkwezi High School, eMandeni. Usuke lapho wayokwenza iziqu ze Bachelor of Arts (BA,) eNyuvesi yase Zululand, oNgoye. Uke waba nguMqeqeshi wothisha eMbumbulu College of Education. Uqophe umlando ephothula iziqu ze BA Hons ngolimi lwesiBhunu.
Ubene Advanced Diploma ye Theology ayenze esikoleni seBandla likaKristu esise Cape Town, i Internation Bible College, ngapnasi kuka Mza Dkt Rodger Dickson. enkonzweni kushumayele uza Elias Mthimkhulu weBandla likaKristu elise Mbali, eMgungundlovu. Ufihlwe emathuneni aseZotsha.
Uthathe umhlaphansi esenguThishanhloko wase Makhanda High School, e Port Shepstone. njengoMshumayeli obeba yisikhulumi ezinkonzweni ze Sothern Africa yonke, abazalwane bebebandla lika Kristu bebetheleke bevela e Eastern Cape, Mpumalanga, Gauteng, nase Limpopo.

