KUBE sengathi uyaphupha umphakathi wasesigodini saseMvutshini, eNhlazatshe ngaphansi kwe Zululand District Municipality, ngesikhathi uHulumeni efeza isethembiso sakhe sokuwufakela amanzi adonswa ngaphansi komhlaba (borehole).
Kade iXolani Weekly Journal ibhala ngezikhalo zabantu baseNhlazatshe, okubalwa phakathi kwazo umgwaqo omkhulu wakhona, namabhuloho, nenkantolo yenkosi engakakhiwa njengoba inkosi isathethela amacala ebhilidini lesitolo esidala okwakungesomlungu walelipulazi eselabuyela emphakathini, nezikole. Yingakho uthokoze kakhulu uma sigcina sifeziwe isethembiso sokuwufakela amanzi.
Lendawo isike yahanjelwa ngungqongqoshe wezaManzi, uMnu Senzo Mchunu, ngokohlelo lwakhe lokufaka amadamu amancane emiphakathini ukuze uthole amanzi kalula.

