UKUNCIPHA kwesibalo samaLungu ePhalamende amele i African National Congress (ANC), emuva kokhetho obelumhla zingama 29 ku May, sekubavalele iminyango abanye oNgqongqoshe ukuba babuyele kuHulumeni.
Njengoba isibalo samalungu ePhalamende e ANC sehle sisuka kuma 230, saya phansi kwi 159, kwenza obengu nombolo 160 kuya phezulu ohleni, asale ngaphandle kwabaya ePhalamende. Phakathi kwamalungu ePhalamende angaphezu kwe 159, kukhona nabangoNgqongqoshe okukhona phakathi kwabo noNgqongqoshe wezamaPhoyisa uMnu Bheki Cele, noNgqongqoshe wezeNhlalakahle uNksz Lindiwe Zulu.
Abanye ngonguNgqongqoshe weziNdaba zokuDlelana naNamazwe angaPhandle u Dkt Naledi Pandor, kodwa okuzwakala ukuthi ubesevele eseshilo ukuthi usefuna ukuphumula, beno Dkt Nkosazana Dlamini-Zuma, onguNgqongqoshe wezabesiFazane, abaKhubazekile, nabaNtwana. Kuloluhla kukhona nonguNgqongqoshe wezeziSebenzi uMnu Thulas Nxesi, owake waba nguMongameli weNyuynyana yothisha i South African Democratic Teachers Union (SADTU). Nongqongqoshe wezokuVikela futhi owake waba nguNdunankulu wase North West, uNkk Thandi Modise, benoSekela Ngqongqoshe wamaBhizinisi kaHulumeni uNkk Noxolo Kiwiet, naye oke waba nguNdunankulu wase Eastern Cape.
