AMAPHOYISA esifundazwe iKwaZulu-Natal, eholwa ngama ‘Terrible Twins’, okunguNdunankulu noKhomishani wesiFundazwe, ngolweSithathu avundulule izimpahla ezivela emazweni angaphandle, okukhona kuzo nokudla osekwedlulelwe yisikhathi, zigcinwe kumagushede (warehouses) , amabili eMtateni waseThekwini.

Lamawele ayingozi (tereble twins) akulesi sifundazwe ekulweni nobugebengu, ngoKhomishani wamaPhoyisa esiFundazweni uJenene Nhlanhla Mkhwanazi, noNgqongqoshe wezamaPhoyisa nokuPhepha, obuye abe nguNdunankulu wase KZN, uMnu Thami Ntuli.
Lokhu kuveze ukuthi laba bezitolo zabokufika abagcini nje ngokudayisa ukudla nezimpahla ezishayisa amakhala kuleli, kodwa badayisa nokudla okungahloliwe, abakulande emazweni angaphandle ko Nigeria.

Lokhu kwenza kungethusi uma lokhu kudla okungahloliwe kuleli kubulala abantu. Ngaphandle kwalokho, lokhu kukhinyabeza abalimi base South Africa, ngoba kugcinwa sekudayisa imikhiqizo yezolimo evela ngaphandle, bese kuchaya imikhiqizo yakulelizwe.
Kuzokhumbuleka ukuthi nokudayiswa kwenyama yenkukhu evela emazweni angaphandle ko Brazil, ngezivumelwano ze BRICS, nase Melika ngesivumelwano i AGOA, sekukhinyabezeke imboni yomkhiqizo wenyama yenkukhu kuleli, njengoba sebevaliwe o Rainbow Chicken.
Bobabili oMnu Ntuli noJenene Mkhwanazi, bathe basalandela umkhondo wobunikazi balezi zimpahla, nokuthi beziyaphi.
