Izindaba

USUPHELILE UMBUSO WE CONSERVATIVE PARTY E BRITHANI

KUPHELILE ukushaya amaphiko isikhathi eside kweqembu lezepolitiki lase Britain, eligcine selibeke owomdabu waseNdiya, kodwa oyisakhamuzi sakhona e Brithani, ukuba nguNdunankulu wezwe.

U Sir Keir Starmer, onguNdunankulu omusha waseNgilandi.

OsenguNdunankulu-mkhethwa manje wase Brithani, manje emuva kokhetho obelungempelasonto, ngu Sir Keier Starmer.  Ngokuqoka uNdunankulu ongowomdabu waseNdiya, kodwa oyisakhamuzi sase Brithani, kubonakala ukuthi nakuba iqembu lama Conservatives lithatheka njengelamaNgisi angapendiwe, kodwa ngokumkhetha lo, belibhala isitatimende sokuthi alukho ubandlululo kwelamaNgisi.  Lona obengu Ndunanmkulu wakuleliyazwe, eqokwe yiqembu lakhe i Labour Party, ngu Mnu Rishi Sunak, okuthiwa uyinjinga ebatshazwayo yase Brithani.  

Umsebenzi omkhulu abahlaziyi bezomnotho nepolitiki abathi uhlalele loNdunankulu omusha u Sir Starmer, yisimo sezempilo okuthiwa siyantengantenga.  Kuzokhumbuleka nokuthi lona kuzokuba nguNdunankulu wesithathu elase Brithani lithathe indlela entsha kwezomnbotho, eyokuzehlukanisa ne European Union (EU). Ngakho-ke kusabanjwa kuyekwa esimeni sezomnotho.