NAKUBA besembangweni oshisa phansi oMongameli Joe Biden waseMeli we Democratic Party, nembangi yakhe yama Republicans, ingquphunga enamahhotela amakhulu ama Trump Hotels kulo lonke elaseMelika, kodwa abazona izitha, kungakho-ke uMongameli Biden esenze umyalezo kwabezindaba zomabonakude, nemisakazo, namaphephandaba, wokumkhalela uMnu Trump ekusindeni kwakhe esocongwa.


Emyalezweni ka Mnu Biden wokuthi mehl’amhlophe ku Mnu Trump, uveze ukuthi usemshayele ucingo emduduza. UMnu Trump uzanywa ukusocongwa nje, omunye uzakwabo eqenjini lama Republicans, owagcina esenguMongameli, uMnu Ronald Reagan, naye wasinda kumnembi (sniper) ethi uyambulala. Naye uMnu Trump usinde kumnembi izolo omqhwize indlebe ngenhlamvu ephuma esibhamini esingamemezi (silencer), kodwa amaphoyisa ezomshoshaphansi akwazile ukumnemba wona umnembi, amdubula wafa.
Amaphoyisa asatshwa kakhulu eMelika i FBI, athole ukuthi lomnembi ngu Mnu Thomas Mathew Crooks. Yibhungu nje elineminyaka yobudala engama 20. Emyalezweni kaMongameli Biden, unxuse isizwe sonke samaMelikana ukuba sibe munye, naphezu kokuba kwehlukwene ngokumaqembu nemibono. Umlando wase Melika uthi bane oMongameli baseMelika abadutshulwa bafa, kubalwa phakathi kwabo nesilomo uMongame JF Kennedy. Babalelwa kwi 14 abadutshulwa basinda, sekubalwa naye uMnu Trump.
