Izindaba

USOMLANDO UTHI MABABUYISWE ENDLUNKULU ABAQAPHI BESILO ESIDALA

UKUZIKHANDLA, nokwethembeka, nokuzinikela kwamaphoyisa abeqapha iSilo esidala,  uMdlokombane, yikhona okwenza usomlando waKwaZulu kwaNongoma, akukhalele ukubuyiswa kwawo eNdlunkulu.

Ebhala ngalolu daba kwelinye lamaphephanda akuleli, uMnu Khaya Ndwandwe, onguMhlaziyi kwezamaSiko, uthi ukuba kuya ngaye ngabe laba baqaphi beSilo esidala  iSilo uZwelithini, bayabuyiswa bangene ethimbeni eliqapha Indlulamithi yamakhosi. U Zwide uthi abaqaphi beSilo esidala bebenikela ngisho nangezimpilo zabo eSilweni.  Baze baphuthelwa ngisho nangamathuba okukhushulelwa ezikhundleni emsebenzini wabo wobuphoyisa.

Uqale watusa uNdunankulu omusha wesifundazwe saKwaZulu-Natal, uMnu Thami Ntuli, ngokubuyisa abaqaphi ebebeqapha uMntwana waKwaPhindangene.  Wamxusa ukuthi enze okufanayo nakubaqaphi bakaMdlokombane. Uthi namanje kasikacaci isizathu esenze ukuba bakhishwe abaqaphi abadala beSilo.

UMnu Ndwandwe uthi laba baqaphi babengasebenzi nje, kodwa bebesikhonza iSilo.  Bezinikele ngakho konke kuso abayikho. Uqhube wathi labaya baqaphi ubungeke ubafice nasendlelni sebemile ngoba bethi sekwedlule isikhathi sabo sokuphuma emsebenzini.  Bebengafa lapho iSilo sikhothama khona.