Izindaba

Akusensuku zatshwala kumenyezelwe ukuguqulwa kwekhabhinethi kuleli

NAPHEZU kokuba zizine izikhundla uMongameli wezwe, uMnu Cyril Matamela Ramaphosa, okulindeleke ukuba azivale kwikhabhinethi lakhe, ezizwakala ngezimbobo zomuhlwa zithi kungase kunyakaze neminye iMinyango.

Izikhundla ezivulekile ngesikaSekela Mongameli, esishiywe nguMnu David Dabenga Mabuza. 

NesikaNgqongqoshe wezokuThutha, njengoba uMnu Fikile Mbalula esehlezi ngokugcwele eLuthuli House njengoNobhala-Jikelele weqembu elibusayo. 

Esesithathu ngesishiywe ngu Nksz Ayanda Dlodlo, osethole umsebenzi kwenye indawo.  Bese kuba ngesisha sikaNgqongqoshe waMandla kaGesi.

Sekuze kwakabili lulokhu lukhonjwa eduze usuku lokumenyezelwa kowezinguquko zekhabhinethi, kodwa uma sezifikile lezo zinsuku kushaywe izaququ.  Bekukhonjwe olunye lwezinsuku zesonto eledlule, kodwa dololo. 

Bekuqale kwankankanywa usuku olungaphambi kwe SONA, kodwa dololo.  Kwankankanywa usuku olungemuva kwenkulumo yeSabelo Zimali.  Nakhona dololo. Kwabekwa uLwesine lwayizolo, nakhona kwaba ngamehlo esibungu.

Abazinquma amakhanda bazishiye zidikiza, bathi inkulu impikiswano engaphakathi kwezethenjwa zombutho ohola izwe.  

Indaba kuthiwa isondele kuso impela isandla sokuphonsa sikaMongameli.  Kuthiwa kukhona abathi makathathe into yakhe onguSekela-Mongameli uMnu Paul Mashatile.  Kanti kuthiwa abanye bathi lingawa licoshwe zinkuku, ngeke asinuke.

Abanye bathi uMongameli usephenduke ibutho labazindeli nje, engajahe kumemezela, yingoba usefuna ukubona kahle ezihambisana naye, bese ebophela inja nogodo yesikimu sakhe. 

Nokho kuthiwa esokugcina isikimu esingazanyazanyiswa uyosibophela uma iqembu elibusayo libuyele emandleni ngowezi 2024, naye esalihola iqembu.  Kuthiwa nokho okuvimbe ukuba amemezele izinguquko izolo, wukubanjwa ngumkhuhlane.

Akwaziwa mbhantshi kujiya !  Iyobanjwa ngesithele nayo !!!