UNGOTI kwezomnotho wakuleli, uSolwazi Bonke Dumisa, usephawulile ngodaba oseluhlale lusematheni kwabanye osopolitiki bakuleli, lokuthi ibhange-ngodla (Reserve Bank) lakuleli, maliyibuyele kuHulumeni, lingabi nosomasheya abazimele.
Ecacisa ngalolu daba ekhasini lakhe lansuku zonke ku Facebook, lapho esuke ehlaziya khona isimo sezomnotho, futhi ephendula obebuzile u Dkt Xolani Mgojo, obuze ukuthi kunamthelela muni ekusebenzeni kwansuku zonke kwebhange-ngodla ukuthi ngobani abanamasheya kulo ? Bekubuzwe nokuthi kungani lelibhange linosomasheya abazimele abanye bengebona ngisho abakulelizwe ? Amaqembu epolitiki anjengo Economic Freedom Fighters (EFF) athi lelibhange malithathwe wuHulumeni.
USolwazi uthi abanamasheya kuleli bhange abangeni ekusebenzeni nokuphathwa kwalo. Umuntu ophethe nolawula ibhange nguMbusi walo (Governor). Osomasheya abangeni emigomeni yemali (monetary policy). Uthi uma uHulumeni ethatha ibhange-ngodla, uyobe uthatha isikweletu sezigidigidi (trilions) eziyi R6 trillion, okuyinto naye angeke ayimele. Kwayena uHulumeni ubhekene nesikweletu esicishe sibe ngako, futhi azabalazayo ukusikhokha. Akakwazi uHulumeni ukuzethweswa umthwalo phezu komthwalo.

