SELWEDLULILE emhlabeni uqweqwe lwentatheli esebenze kakhulu iyintatheli ezimele (freelance journalist), ibhalela amaphephandaba amaningi kubalwa ne British Broadcasting Corporation (BBC), yagcina isiqashwe yiphephandaba UMAFRIKA, ebelizinze e Marianhill, uMhleli walo kungu Mnu Cyril Madlala, kwagcina sekungu Mnu Fraser Mtshali.
UMnu Mbongeni Khuzwayo, ngenxa yobudala obebizwa ngesithakazelo uMnguni (68), ugcine esengu Mhleli ohlunga izindaba (Sub-Editor) ephephandabeni Isolezwe. Lentatheli ibingakufihli ukuthi ikhonza eKuphakameni. UMhleli we Xolani Weekly Journal usebenze kakhulu nayo esesephephandabeni Ilanga. Nakuba bebengasebenzeli inkampane yezindaba eyodwa, kodwa ngenxa yokuthi ubebuye alibhalele nelikaMafukuzela, bebebuye bahlangane e newsroom.
Ngezikhathi ezinzima zodlame laKwaZulu-Natal, bekuhlanganwa njalo ezinkalweni kugijinywa. Bekuhlanganwa nasecaleni lodumo ebeliseNkantolo eNkulu ebiku College Road. eMgungundlovu, lowayengu Sekela-Ngqongqoshe woMnyango wezangaPhakathi (Interior) kuHulumeni waKwaZulu, uMnu Mhlahlo Mlotshwa Jamile. Zonke izintatheli ezibhala ipolitiki bezihlangana kuleli cala elidonse isikhathi eside.
Imibiko ithi uhamba nje uMnu Khuzwayo, bekuqale kwahamba indodana yakhe uMnu Simangaliso Khuzwayo. Kusolakala ukuthi ukugula komntanakhe uMnguni yikhona okwenyuse kakhulu ushukela kuMnguni. UMnguni ulandela enye intatheli esanda kuwushiya lomhlaba uMnu Tsepo Molefe waseMgungundlovu. Naye ubebhalela amaphephandaba amaningi, ikakhulukazi Ilanga.
Kwenzeka lokhu nje, nowayenguMhleli weLanga neNkazimulo, uMnu Sipho Ngobese, usanda kutshela iXolani Weekly Journal ukuthi naye usanda kushiywa ngunina wezingane zakhe. UNkk Ngobese nguyena obehamba phambili eqenjini lomculo wokholo, elibizwa ngelo Umyalezi weSikhathi, elizwakala kakhulu emisakazweni licula umculo wokholo ngaphandle kwezinsimbi.

