NJENGOBA esontweni elizayo kunokhetho ezweni elingumakhelwane, i Namibia, abaningi bazibuza ukuthi ingabe nakhona abavoti bazoliphumuza yini iqembu elibusayo, futhi elinomlando wokulwela inkululeko, okuyi South West Africa People’s Organization (SWAPO) ?
I SWAPO ngesikhathi isesehlathini ibiholwa ngu Mnu Sam Nunjoma, obe nguMongameli wokuqala waleliyazwe selibuswa yi SWAPO kusukela ngowe 1990. Lapha e Africa esemazansi, i Namibia ilandele i Zimbabwe ngokukhululwa emakatangweni okubuswa ngabelungu. Yona ilandelwe yi South Africa ngowe 1994.

I Namibia ibizwe ngaleligama isibuswa yi SWAPO. Ngaphambi kwalokho ibibizwa nge South West Africa. Ibiyikoloni le Germany. INhlangano yeZizwe isabizwa nge League of Nations yawephuca AmaJalimane lelizwe, yalinikeza i South Africa ukuba ilibuse.
I Germany ibibekwe amacala okuqhatha Impi yoMhlaba.
Amehlo onke azokube ethe njo e Namibia ngesonto elizayo njengoba kuzoba nokhetho lukazwelonke. Kuzobhekana i SWAPO iholwa nguMongameli wezwe uMnu Nongolo Mbumba, othathe izintambo ekuqaleni kwalonyaka, emuva kokushona kukaMongameli wesibili wase Namibia, uMnu Hage Geigob.
UMnu Mbumba (ofungayo esithombeni), uzokube ebanga no Dkt Panduleni Itula ongumholi we Independent Patriots for Change. UDkt Itula (ofake izibuko esithombeni), ungusopolitiki, ummeli nodokotela wamazinyo.

Okugqamayo onke lamaqembu aphikisayo la e Africa esemazansi, ngaphansi kwe Southern Africa Development Community (SADC/Sadec), wukuthi iningi lamaqembu aphikisayo aketula lamaqembu okuthiwa akhulula amazwe, anegama le Change.
Ilunqobile ukhetho eZimbabwe i Movement for Democratic Change (MDC) ngowezi 2008 iholwa ngongasekho uMnu Morgan Tsivangrai. Yanqoba e Botswana i Umbrella for Democratic Change (UDC), iholwa nguMongameli Duma Boko. Nase Zambia nase Lesotho kunqobe amaqembu aphikisayo.
Nakuleli i African National Congress (ANC), nakuba ithole u 40%, kodwa kufuneka u 51% ukubusa izwe. Yase imema amanye amaqembu ayisi 9, kwakhiwa uHulumeni woBumbano i Government of National Unity (GNU).
E Mozambique abantu bakhona abakholwa neze ukuthi i Frelimo inqobile ngo 70%. Bayabhikisha kumi yonke into.
