Uncategorized

UBUYISWE KULELI IZOLO OWAYENGUMSIZI KA ACE MAGASHULE

WAYETHOKOZE kakhulu elishiya leli uNksz Moroadi Cholota, enyelwe yinyoni esandleni eyofunda kwenye yamaNyuvesi aseMelika, ngokusizwa nguHulumeni wesifundazswe i Free State.

Ubuye kabuhlungu izolo esebuya ngohlelo lokunikezelana kwababekwe amacala emazweni abo i extracdition, njengoba ethinteka ecaleni le tender yokufakelwa itsheboya (asbestors) kwezindlu zase Free State okungenzekanga, kodwa yaphuma izwa imali. UNksz Cholota uthatheka ngokuthi akukho angakwazi ngoba wayenguMsizi eHhovisi lowayenguNdunankulu uMnu Ace Magashula, naye ohamba leli cala.

Nakuba i National Prosecuting Authority (NPA) ilikhiphile lelicala ohlwini lwamacala ngenxa yezizathu zobufakazi, kubonakala ukuthi ukufika kwalentokazi kuzolivusa lime ngezinyawo. Ibonakala inanolwazi nangelinye icala elithinta abalimi base Free State, nama Gupta, no Mnu Mosebenzi Zwane, lwezinkomo zobisi.