U BAFANA BAFANA
UMDLALI osemncane we Orlando Pirates, ombele igodi i Mamelodi Sundowns, wayingcwaba iphila emdlalweni wamanqamu we Nedbank Cup, obungoMgqibelo, umvule amehlo umqeqeshi we Bafana Bafana u Hoogo Broos.
Nakuba efakiwe esikwateni sabadlali abangama 23 se Bafana Bafana u Relebohile Mofokeng we Pirates, kodwa akwenze kuMasandawana ngoMgqibelo, kuzomphoqa uMqeqeshi ukuba amfake esikimini. Baye babe khona abadlali abasha esikwateni kodwa abanye baze babuye bengazange balithinte ibhola. Waba nenhlanhla nje umdlali woSuthu, uMlondi Mbanjwa, wasithola isikimu eqala nokungena kusikwata.
I Bafana Bafana iyodlala owokuhlungela indebe yomhlaba ne Nigeria ziyisi 7 ku June, khona e Nigeria. Bese ibuya ekhaya izodlala nomakhelwane i Zimbabwe ziyi 11 ku June. Abalandeli bebhola bakuleli bayobe bembhekile lomfasna waMabhakabhaka.
