Uncategorized

AYISAGQOKWA ISIKHATHI ESIDE IMPAHLA YOKUGQOKA

UNGOTI wezemfashini ephendula izikhalo zabantu emsakazweni wezingxoxo i Safm, zokuthi impahla isisheshe iguge, noma ishintshe umbala, uthe vele abantu bamanje abasathandi ukugqoka into eyodwa isikhathi eside. Bangabantu bokubukisa.

UMnu Martin Lawrence, oyisikhulu kwenye inkampane ekhiqiza izingubo eziphambili ezithengwa ezinkundleni zokuxhumana, uthe ngenxa yalokhu, izingubo zamanje seziyi disposable clothing. Kuyaziwa-ke ukuthi uma into ike yaphunyelwa yigama lesilungu elithi ingumasetshenziswa alahlwe (disposable), leyonto isuke ingezukuhlala isikhathi eside.

Kudala abantu bebethenga impahla yokugqoka ehlalayo. Lokho bekulawulwa yinani lalelyo mpahla. Bekwaziwa ukuthi ebizayo ezitolo noma kubathungi, iyahlala. Manje noma ngabe impahla ayizukuhlala isikhathi eside, kodwa iyabiza. Abantu bamanje abasenqeni nje ukuthenga ibhulukwe eliklejulwe laklejulwa ngamabomu. Bathanda khona lokho. Konje lithatha isikhathi esingakanani ibhulukwe eliklebhukile ?