NGENXA yesimo esibi kwezomnotho esenza kube nzima kakhulu kweminye imizi ukuba kulalwe kudliwe, uMongameli wezwe uMnu Cyril Matamela Ramaphosa, usememezele ukuthi sekuzokuba nezinhlobo zokudla ezingakhokhelwa intela ukuze wonke umuntu akwazi ukukuthenga.
UMongameli Ramaphosa ukusho lokhu ethula inkulumo yokuvula iPhalamende sekunoHulumeni omusha woBumbano lwamaqembu akuleli ayi 11, owaziwa ngele Government of National Unity (GNU). Okugqamile kule nmkulumo kaMongameli, wukuthi ubeseveza okudingidwe kwavunyelwana ngakho emhlanganweni obizwa ngele Legotla, woNgoqngoshe abasha, oSekela-Ngqongqoshe, noNdunankulu bezifundazwe eziyisi 9.
Uveze nokuthi seluzobhekwa nodaba lwentengo yamafutha okunguphethiloli nodizili. Nokuthi elakuleli selizongena ohlelweni lokuthumela phesheya imikhiqizo esilungiswe ekhaya, kunokuthumela imikhiqizo engalungisiwe (raw material), efike ilungiswe phesheya ibuye kuleli isibiza imali eshisiwe.

Esethinta kwezolimo, ukhale ngemikhiqizo yesivuno esisheshe sonakale okwenzeka ukuthi siduve emachwebeni amakhulu akuleli njengaseThekwini, e Richards Bay, e East London, eGqebherra nase Cape Town, igcine isiyonakele. Uthe lokhu kubalimaza kakhulu ezimalini abalimi noHulumeni, nabo bonke abathintekayo ekudayisweni kwemikhiqizo yezolimo phesheya.
Waveza nokuthi uHulumeni woBumbano uzolusukumela ngokwedlulele manje udaba lokuguquguquka kwesimo sezulu njengoba sesililimaze kakhulu elakuleli, ngezikhukhula, iziphepho nemililo yequbula, osekukhiphe izidumbu eziningi, konakala nezingqala-sizinda. Naso lesi simo ezolimo sizikhinyabeza kakhulu ngoba kusha amadlelo kanye nemfuyo, kuguguleke izitshalo nezindlu.
Uthe ukuguquguquka kwesimo sezulu sekuguqule sonke nje isimo sokuphila komphakathi wakuleli. Kwaholela nasezifeni ezingayiwa o Mkhovu 19 nezinye ezibhubhise izwe. Ukubhekana nalezi zimo kungena kakhulu ephaketheni likaHulumeni, kwenyuse nesikweletu sikaHulumeni eboleka izimali ngoba lokhu kusukela kungahlelelwe. Kuphazamisa namabhizinisi kwenyuse nezinga lokungaqashwa kwabantu.
UMongameli uthe lezi zimo ziphazamisa konke okusuke kuhleliwe nguHulumeni okuyizidingo zabantu. Utuse uNgqongqoshe wakhe wezeziMali, uMnu Enoch Godongwane neKhomishani kaMongameli yokuGuquguquka kwesimo sezulu, ngokubiza iSigcawu sokuBonisana ngeSimo sezulu (Symposium). Lesi sigcawu sokubonisana sizokwakha imigomo yokuhlinzeka ngezimali lezi zimo. Uphawule nangokuncika kakhulu kwaleli emalahleni ukukhiqiza ugesi wethu oshibhile.
Wathi umhlaba usushaya amakhala ngogesi owenziwa ngamalahle ngenxa yaso lesi simo sokuguquguquka kwesimo sezulu okudawa yintuthu namagesi ahlukahlukene avela emhlabeni aye esibhakabhakeni eyophazamisa ingubo yomhlaba i ozone layer. Inkulu intuthu kumbe igesi eya esibhakabhakeni uma obhayela ababswe ngamalahle bepheshla ugesi. Ukuncipha kogqinsi lwengubo yomhlaba I ozone layer, kwenza ilanga liwushise kakhulu umhlaba. Lengubo uMdlali wayakhela ukuvikeka umhlaba ekushiseni okunamandla kwelanga. Sebuyancipha-ke ubugqinsi bayo okwenza ilanga kithi nemvelo, lishise nemifula, lehlise amanzi angaphansi komhlaba, bese kuba nesomiso esikhulu.
Uthe i South Africa isizibekele unyaka wezi 2050 ngokuthi iyobe isiyehlukene nakho konke okukhiqiza intuthu namagesi. Ngakho-ke izolokhu igudluka kancane kancane iya kugesi okhiqizwa ngendlela engakhiqizi ntuthu. Kuzogcina kunentela yokukhiqiza intuthu namagesi kulabo abasaqhubeka nalokho. Uqhube wathi uHulumeni uphezu kwezinhlelo zokubona kuvuka izimayini ezintsha nezinhlelo zezolimo neminye imikhiqizo yezwe (iyaqhubeka).
