OBENGUTHISHANHLOKO wesinye sezikole eziphakeme ngaphansi kukaMasipala waseMandeni, eMacambini, usengumlimi ovutha uphondo.
Esithombeni ngenye yamasimu obhatata ka Mnu Bern Fana Ntanzi, wasesigodini saKwaMangqakaza, eMacambini, ongomunye wothisha abaqeqeshwa oNgoye, wagcina esenguthishanhloko. Ngaphandle kwalensimu esemakhaya, unenye eseGingindlovu ngasedolobheni, engaphezudlwana nje kwama hekthare amathathu, lapho etshala khona amavejethebuli, okuyi butternut, iklabishi, ubhontshisi, nalo lonke uhlobo lwamavejethebuli ongawacabanga.
Empeleni emfundweni endala, yibo othisha ebebefaka umoya wokuthanda ezolimo kubafundi babo, ikakhulukazi kuma primary school. Abafundi babafana bebenikwa ngisho amamaki ngokunakekela ingadi yesikole. Bekuba nesikhathi sasengadini, kube nothisha obafundisayo abafana ukulima. Abanye bebeqeda e High School bavele bayozilimela ekhaya, bagcine sebeyizingquphunga.

