UKWAKHIWA kwegalaji lokuchatha izimoto namaloli ngophethiloli nodizili oLundi 19, sekuzoqeda ubugebengu ebese kukhalwa ngabo kwebebehla ezimotweni ezivela eMthonjaneni,noma eBaqulusini, bese beyolindela eziya oNdini noma KwaNongoma.

Lendawo ibisiyingozi ngoba bese kuvele kuvumbuluke izinswelaboya emahlathini zibambe inkunzi abantu abalindele izimoto. I Xolani Weekly Journal ibingakatholi ukuthi ngubani,kumbe ngobani abanikazi baleligalaji eselakhiwe lapha, kodwa lizosebenza ngegama lenkampane yamafutha ezimoto i BP. libe yi Ulundi BP.
