UMhleli we Xolani Weekly Journal, ongu Xolanimazwide Nxumalo (65), uzalwa eMacambini esigodini saKwaMangqakaza, kuMasipala waseMandeni, kodwa uthenga eGingindlovu. Ugobe amadlangala KwaDukuza.
Uqede e High School e Charles Sabelo High, eMbumbulu, wayokwenza i diploma kwezolimo eCwaka Agricultural College, esiyi Owen Sithole College of Agriculture manje,ekwesaKwaMthethwa, eMpangeni. Uphume ekolishi wasebenza iminyaka eyi 10 eMnyangweni wezoLimo namaHlathi kuHulumeni waKwaZulu. Ubesebenzela esifundeni ebesibizwa ngeNkanyezi (eShowe),kodwa manje sesiyingxenye yoMlalazi Local Municipality.
Uqale ukusebenza kwesakwaMpungose eMlalazi. Wadlulela eNgudwini, enkosini uMntwana uBangindoda Zulu. Ushiye khona sekune project enkulu yokutshalwa kwamahlathi ka gumtree ayiswa emshinini kwa SAPPI, eMandeni. Usakhumbula kahle ukuthi umlimi wokuqala owaqala ukutshala amahlathi kufika loluhlelo olusha, nguMfundisi we Nazareth Baptist Church (KwaShembe), uMfu Magubane. Ungomunye woyise bomculi kamasikandi uMphiliseni, wena uthi nguMfiliseni Magubane. Abalimi bale project izimali babezibolekwa yinkampanini yamalahle, i Genco.
Ushiye eNgudwini esayoqhuba izifundo kwezokuThuthukiswa koMphakathi, ngaphansi kuka Solwazi Lawrence Schlemmer, no Solwazi Paulus Zulu, kwi Applied Social Sciences, eNyuvesi yase Natal, esiyi UKZN manje. Iqembu lakhe libe ngabafundi bokuqala balesi sifundo ngowe 1984. Ubuye lapho wasebenza izinyangana ezimbalwa oYaya eMbongolwane. Udlulele KwaMaqhwakazi, okuyindawo ephakathi kweShowe neMpangeni engaphansi kwezintaba zoNgoye. Uze washiya eMnyangweni wezoLimo namaHlathi ekuqaleni kowe 1990 eseyobenza ephephandabeni Ilanga, njengentatheli.
Kusukela esafunda u Std 6 eMoyeni Combined School, e Holy Cross Mission eseGingindlovu, uqale ukubhalela amaphephandaba amabili amaKhatholika okungu UMAFRIKA ne LANGABI obekuyiphephandaba lenhlangano yentsha yamaKhatholika, i CHIRO. Esebuya ukuyofunda phesheya eMelika ngowe 1988, uqale ukubhalela iphephandaba Ilanga. Ebhala ngocwaningo lwakhe abelenze e California ngenkolo yama Rasta, i Rastafarism. Kulandele ukubhala engosini yezolimo kuleli phephandaba.
UMhleli weLanga uMnu TG Mthembu, ugcine esemmemile ukuba azojoyina Ilanga asebenze ngokugcwele njengentatheli. Usebenze khona iminyaka emithathu kusukela ku 1990 kwaze kwayoba ngu 1992. Esebenza ngezikhathi ezinzima, udlame lwe ANC/UDF ne IFP lusephezulu kakhulu. Njengentatheli ebibhala ngezepolitiki, ubephuma e newsroom engazi ukuthi uyobuya yini. Lokhu kwesonto elilodwa kwe July Unrests (umtapo) ngowezi 2021, ngaleyaminyaka bekuyinto yansuku zonke. Isibhamu siqhuma ubusuku nemini ezindaweni ezihlala abomdabu eThekwini.
Ushiye Ilanga wajoyina iKwaZulu Training Trust (KTT) enguMqeqeshi wabalimi.
Wasuka lapho wayosebenzela iMboni kaShukela (Sugar Industry), kwa SA Canegowers. Uyisebenzele lemboni waze wayishiya eseyozisebenza. Sekusungulwa ILanga langeSonto, uMhleli walo uNksz Zanele Msibi, umnikeze ingosi yokuhlaziya izindaba ezishisayo, ayibize ngokuthi, NGIBUKELA NGIKUDE. Amanye amaphephandaba ake awabhalela yi Stanger Weekly, Inkazimulo ka Solwazi Otty Nxumalo, wagcina esenguMhleli we SMME News, ebise Ballito.

