EzintshaUncategorized

USAKUMISILE UKUDILIZA IZINDLU ZABANTU E THORNVILLE OWOMDABU WASE NDIYA

IPHEPHANDABA laseMgungundlovu i The Witness, selibike ukuthi usekumisile ukudiliza izindlu zikanokusho ezakhiwe ngabantu endaweni athi iyipulazi lakhe eselidliwe ngabantu e Thornville, ngase Mgungundlovu..

Lendawo ingakwesokunxele uma usanda kushiya umgwaqo i N3, bese uchezuka ungakafiki eMgungundlovu, uthathe umgwaqo obheke e Richmond. Uma usuyojoyina umgwaqo oqhamuka edolobheni uMgungundlovu, odlula e France uphikelele e Richmond, usuke usukuzo lezo zindawo zako Thornville. Abantu balapha bakhe izindlu ezisezingeni eliphezulu, lezi iNkantolo eNkulu yaseMgungundlovu enyangeni u February ebisikhiphe umyalelo wokuthi zidilizwe.

Ebuzwa isizathu sokumiswa kokudilizwa kwalezi zindlu kuleli sonto, lo owomdabu waseNdiya ongu Mnu Jaggeth Singh, uthe udaba seluxoxwa neMeya yoMsunduze Local Municipality, uMnu Mzimkhulu Thebolla. Akathandanga ukwenaba.