Uncategorized

UKWEHLA KWEZIHLALO ZIKAKHONGOLOSE EPHALAMENDE KUQHINGE UHULUMENI

ZIBALELWA kuma 70 izihlalo ezilahlekele iqembu i African National Congress (ANC) ePhalamende lakuleli emuva kwalolu khetho lakamuva.

Njengoba ibikile iXolani Weekly Journal ngokwedlule ukuthi yi Democratic Alliance (DA) ne Inkatha Freedom Party (IFP) ezezize izihlalo ezintathu ngalinye kuwo.  I IFP isuke kweziyi 14, yayakweziyi 17.  I DA isuke kwezingama 84, yaya kwezingama 87.  Ukwehla kwezihlalo ze ANC kusho ukwehla kwamandla alombutho, osekuzoyenza ingabe isakwazi ukuphikisa ngezibalo izindaba ezifakwa ngamaqembu aphikisayo.  Isibonelo nje wudaba lwe Phalaphala Farm.

Nakwi Zindlu zeziShayamthetho zezifundazwe zehle kakhulu izihlalo zayo kwesaKwaZulu-Natal nakwezinye izifundazwe ngaphandle kwase Eastern Cape, Limpopo, Free State, Mpumalanga nase North West.

Amaqembu abuye ePhalamende sekubanjwe umoya, yi Pan Africanist Congress (PAC), ebuye ngesihlalo esisodwa, yi Good Party nayo ebuye ngesisodwa, ne  Al Jamal ebuye ngezimbili.  Amaqembu aqalayo ukuba sePhalamende yi Patriotic Alliance (PA) efike ngezihlalo eziyisi 7, ne Mkhonto weSizwe Party (MKP) egulukudele kwakuncane indawo ngezingama 57.

Lokhu kuphoqe i African National Congress (ANC) ukuthi ingene ezingxoxweni namanye amaqembu ukuze kwakhiwe uHulumeni. Naphezu kokuba yona ifuna ukuxoxa nawo onke angenile ePhalamende kubalwa ne Democratic Alliance (DA), kodwa kukhona abangaphakathi kuyo i ANC abashaya amakhala, bethi lingawa licoshwe zinkukukhu kunokuba i ANC ixoxisane ngenhloso yokwakha uHulumeni ne DA. Bathi ukuhlangana ne DA kwakhiwe uHulumeni, kuzoyininda ngendle i ANC.

Kuzwakala sengathi seziqalile izingxoxo phakathi kwe Inkatha Freedom Party (IFP) neqembu elisha elifike ngeshodi i MK. Ngokubika kwephephandaba i Daily News, lezi zisakhulunyelwa emuva kwendlu. I MK iholwa ngowayenguMongameli wakuleli, uMnu Jacob Gedleyihlekisa Zuma.

Akwaziwa mbhantshi kujiya. akwaziwa noma iyozala iduna noma ithole. Kufanele kushaye uLwesihlanu lwesonto elizayo sezikhona izivumelwano. Iyobanjwa ngesithele nayo.