Imibono

NIDAKWA NONKE AKEKH’OKHUZ’OMUNYE – SOUL BROTHERS

LENGOMA yoGandaganda baseNibngizimu Afrik,a ethi , Nidakwa nonke akekh’okh’uzo’omunye, sekubonakala sengathi yayi yisibikezelo seminyaka yangama 2010 kuze kube manje, lapho ukuphuzwa kotshwala sekuphenduke ifeshini, kumbe ihlobo.

Abangaziyo ekukhuleni kwami, bayazi ukuthi uma ngikhuluma ngotshwala, ngiyayazi into engikhuluma ngayo. Bekuphuzwa ekhaya utshwala, bungadlasliswa. Nokho kubonakala sengathi kusukela eminyakeni yama 2000, izinga lokuphuzwa kwabo selenyuke kakhulu. Akuselona ichilo ngisho emantombazaneni amancane ukudakwa aze angazazi ukuthi angobani.

Kudala bekuthi uma kunomcimbi ekhaya, obaba nezinsizwa bahanjiselwe ikesi lobhiya, nebhodlela. Kwenziwe njalo nakomama esebebadala. Ezintombini kuhanjiswe ikesi lidilinki. Nabafana abancane bebengasondeli la kunotshwala khona, bebeze bakuthole kubanewabo. Bona bebezidlela iphaphu ezinkomeni. Uma bebe nenhlanhla, bawuthole udilinki.

Ngiyikhunjuzwa yini lengoma yama Soul Brothers na ? Ngiyikhunjuzwa wukwenyuka kwezingozi zomgwaqo, nokwemuka kwabantu olwandle. Silithanda noma singalithandi leliqiniso, kodwa izingozi eziningi emigwaqeni zidalwa wuphuzo oludakayo. Kulandele ukukhathala komzimba ngenxa yokungalali. Kulandele ezejubane . Bese kuba ngabangenazincwadi zokushayela. Abangakaze batshelwe lutho ngemithetho yomgwaqo. Okuthi kumiwa, bona badlule. Kuncishiswe ijubane ngokulawulwa yizimpawu zomgwaqo, bona bakhuphule ijubane.

Ubungozi bolwandle

Indawo engikhulele kuyo, eMbizimbelwe, ngaseDokodweni (eMacambini), ibinolwandle eduze. Lapho bengihlala khona eXabiweni, bekuyikhilomitha, kumbe ngaphansi ukuya elwandle. Kangangokuthi bekuba nzima koqwashile ebusuku ukulala ngoba ulwandle luduma kuze kuse.

Besibhukuda njalo eMbizimbelwe nase Dokodweni Beach. Bengekho abaqaphi basolwandle, kodwa beliphansi kakhulu izinga labemukayo olwandle. Isizathu wukuthi bekunemithetho efundiswa ngabantu abadala ngokubhukuda olwandle. Bebengasivumeli ukuthi sibhukude emuva kwehora lesine kumbe lesihlanu. Bethi ulwandle seluthukuthele (high sea tide).

Bebesitshela futhi ukuthi njengoba ulwandle lungamanzi apilinganayo, lupilingana kanjalo nakumuntu ongene kulo enkunke utshwala. Bese lumthatha esadidekile. Bekushiwo okufanayo nangemoto, nesithuthuthu, nebhayisikili. Bethi lezi zinto uma udakiwe, nazo ziyadakwa ngoba zilawulwa nguwena. Zenza lokho ozitshela khona. Yebo nabangaphuzi konke lokhu kuyabehlela, kodwa awamaningi amathuba okwenzeka kwakho.

Ngike ngibone eThekwini abantu bebhukuda seliyoshona, benjalo nje bemnandi. Akasekho ofundisa abantu ngobungozi bokubhukuda elwandle. Akekho futhi umpetha wokubhukuda elwandle. Amanzi olwandle ayahlonishwa. Kulona kusinda ezakwaLuvalwana. Labo abalindela amanzi eze kubo, hhayi ukuthi bona baye kuwo lapho emaningi khona, ngoba laphaya ayapilingana.

Abantu abadala basemakhaya, bebeluhlonipha kakhulu ulwandle, nemvelo nje yonke. Bayazi njengoba bezazi imithetho yalo. Bayabafundisa futhi abantababo ngobungozi bolwandle. Empeleni abantu basemakhaya bangompetha ekuqondeni imvelo.

Ngiyaphinda, akubhukudwa olwandle seluthukuthele, okusho i high sea tide ngesilungu. Akabhukudwa futhi olwandle umuntu ephuzile. Akuyiwa futhi emanzini amaningi. Ngisho izinhlambi ziyotakula umuntu owemukayo, leyo eyomtakula ziyibopha ngentambo okhalweni, ukuze uma kwenzeka liyiketula isidonsa owemukayo, ingamuki nayo.