Imibono

ABOMDABU BAHLUKENE NGEMIBONO NGOLOHULUMENI WOBAMBISWANO ONE DA

BEHLUKENE phakathi abomdabu bakuleli ngoHulumeni osakhiwayo ngokwezingxoxo, okuthiwa ungase ufake neqembu elithathwa ngokuthi ngelabelungu, i Democratic Alliance (DA). Nansi eminye yemibono yabo;

Babuza ukuthi oMnu Tony Leon, Mnu Collen Eglin nabanye be DA, abake baba ngamaNxusa akuleli emazweni angaphandle, bebeziqoke bona yini ? Noma bebeqokwe wuHulumeni we ANC ? Akukhona ukusebenzisana lokho vele ? UNksz Patricia Patricia de Lille we Good Party ubeqokwe ngubani ? Bekungekhona ukubambisana lokho ?

UMnu Martinus van Schalwyk we National Party (NP) wayeqokwe ngubani ? Isifundiswa esingu Mnu Mosibudu Mangena we Azania Peoples Organization (Azapo), sasiyeqokwe ngubani ? UNkk Zaneke kaMagwaza Msibi we National Freedom Party (NFP) ubeqokwe ngubani ?

Abanye bathe manje abasabuki bala kuHulumeni, kodwa sebefuna uHulumeni ohlelekile nowethembekile obeka abantu phambili. UHulumeni okwazi ukuhlela, alulandele uhlelo lwakhe nohlahlozimali (ingabibikho i project ema endleleni kuthiwa sekuphele izimali. Ziphela kanjani izimali ze project ingaphelile ? Kusha lokhu kokuthi kuphele izimali i project ibine budget kodwa ingaqedwa).

Izwe lase South Africa kuthiwa lakhiwe yisizwe esiwuthingo lwenkosana (rainbow nation. Babuza-ke ukuthi kanti buhamba bugcinephi lobo bu rainbow nation uma kusakhethwa ibala kuHulumeni ? Kanti ithini i Freedom Charter uma ithi izwe ngelabo bonke abakhe kulo abalisebenzayo ? Yi Pan Africanist Congress (PAC) eyaphumela obala yaphikisana nalesi sigatshana se Freedom Charter, okuyingesinye sezizathu ezayixebula ku ANC ngowe 1959.

Bathi ukuba khona kwamaqembu anjengo DA, Inkatha Freedom Party (IFP) namanye kuHulumeni omusha, kuzokwenza ukuthi lingabibikho iqembu eliziklovuzela izimali nezinsiza zikaHulumeni. Lamaqembu azokube eqaphene. Kuzophela futhi ukufaka abantu abangafanele ezikhundleni ngoba becula kakhulu emihlanganweni nasemicimbini yeqembu elikuHulumeni.