UBANJISWE uMnyango wezoLimo neMihlaba nokuThuthukiswa kwaseMakhaya ngezinsuku zokugcina, uMnu Senzo Edward Mchunu, owaziwa ngelika mfoka Nyawo zeklewu noMaNxumalo, KwaHlabisa.
LoMnyango ubuvele uphethwe nguNgqongqoshe odabuka esifundazweni saKwaZulu-Natal, uNkk Thoko Msane-Didiza, kanti abalimi bakulesi sifundazwe sebekhulekela ukuthi asale esewugcina uMnu Mchunu (osesithombeni) njegoba esiqonda kahle lesi sifundazwe.
Kuzokhumbuleka ukuthi uMnu Mchunu kade enguNdunankulu waKwaZulu-Natal, kanti ngaphambi kwalokho ubenguNgqongqoshe wezeMfundi kulesi sifundazwe. Ukukhombisa ukuthi uzikhonze kanjani ezolimo, uMnu Mchunu ushiye esephendule isikole iShaka;s Kraal High School, KwaDukuza,saba yi Agricultural High School.
Okunye akhombise ngakho ukuthi unothando lwezolimo uMnu Mchunu, usungule uhlelo lokuthi izikole zithenge amavejethebuli kuma-khopharetivu abalimi, ikakhulu lapho kusebenza khona i Enterprise iLembe. Uma uMacingwaner engaphatha loMnyango, kukholakala ukuthi nodaba olubucayi oluthinta Indlulamithi, Ingonyama Trust, selungaphatheka ngenye indlela, njengoba bekubonakala kunokungenami kahle kweSilo uMisuzulu kaZwelithini, no Nkk Didiza ngalo.
UMacingwane ubonakala enobudlelwano obuhle neSilo saKwaNkomonye, kanti kwayena ugumlimi ovelele KwaHlabisa, eNhlwathi. okuyindawo engaqhelile nekhaya likaMongameli we Inkatha Freedom Party (IFP) uMnu Velenkosini Hlabisa. Kwethenjwa nokuthi angabambisana kahle nomlimi waseMakhathini Flats, eJozini, oseqokelwe ukuba nguNgqongqoshe wezoLimo KwaZulu-Natal, uNkk Thembeni Madlopa-Mthethwa.

