Imibono

Akubona bonke abanebala elimhlophe abacwaswayo

NGIBE nenhlanhla yokuthi endaweni yakithi KwaMangqakaza, eMacambini, ngikhule nodadewethu onebala elimhlophe, futhi okhonzwe ngendlela eyisimangaliso endaweni yakithi.

Angizukumbiza ngegama, kodwa naye uyazi ukuthi endaweni ukhonziwe.  Okumenza akhonzwe lodadewethu ongumakhelwane, yindlela anenhlonipho nazihlonipha ngayo yena.  Akakukhonzile nokukhuluma kangako. 

Lapho kukhalwa khona esigodini,  naye uba khona.  Lapho kubuswa khona, ukhona.  Emlandweni wesigodi saKwaMangqakaza, ungomunye wezintombi zesigodi ezalotsholwa ngezinkomo zoboya, zagcwala isibaya sikayise.

Namhlanje njengoba kungoLwesibili nje, iNhlangano yeZizwe lolusuku ilubalule njengolokubungaza abafowethu nodadewethu abaphila nebala elimhlophe.  Empeleni ngokukhuluma koMpostoli uPawuli ebhayibhelini, lunye vo uhlanga (race) emhlabeni. 

Uthi zonke izizwe uNkulunkulu wazidala ngagazi linye; “Wazenza izizwe zonke ngagazi linye ukuba zakhe ebusweni bonke bomhlaba, wamisa izikhathi ezinqunyiweyo nemikhawulo yokuhlala kwazo” – Izenzo 17:26.

Bangakufakazela lokhu abasebenza ezibhedlela nasemabhange agcina igazi. 

Uma kudingeka kufakelwe igazi esigulini esophe kakhulu, akubhekwa ukuthi igazi lithathwe kowomdabu, noma owomdabu waseNdiya, noma owomdabu kaJantoni, noma omhlophe.  Kodwa kubhekwa ukuthi wuhlobo luni lwegazi lolo oludingekayo.  Uma isiguli sidinga u O, sinikezwa igazi elingu O, njalo njalo.

Angizukukhuluma ngezinye izifundazwe, kodwa bambalwa kwengibaziyo ebebehlukunyezwa. 

Okunye phela singekwazi, kwaziwa yibona.  Kunomunye nje umhlonishwa engingeke naye ngimusho ngegama, kodwa ngokwe ‘inuendo’, abaKwaZulu-Natal bazongizwa ukuthi ngikhuluma ngobani. 

Uma ekhuluma emsakazweni uKhozi FM, wonke umuntu uhlala emsakazweni elalele ubuciko bakhe bokuhlaziya leso sihloko asuke esinikeziwe. 

Kungaba ukhuluma ngezenkolo, noma ezepolitiki, kuyo naye njengoba eke waba yiMeya.  Noma ehlaziya ezomculo wenothi nowesintu njengoba ebengomunye wababhidisi bamakhwaya ezikole esenguthisha.

Uke waba nanguthishanhloko ohlonishwayo kulesi sifundazwe.  Naye ukhonziwe kulesi sifundazwe.

Yebo zikhona izvuvaba ezimbalwa lapho labo abaqhutshwa ngumoya ongcolileyo bebuka lababafowethu nodadwethu njengomuthi wengcebo.  Sikhule sitshelwa ukuthi lababafowethu abafi, kodwa bayanyamalala. 

Nayo lemfundiso engelona iqiniso, ibitshalwa yibo laba abanomoya wokungcola, ukuze izenzo zabo zobumnyama zamukeleke njengemvelo.