Imibono

BAKHONA ABELUNGU NAMANDIYA ABAKHULUMA ISIZULU – BEHLULWA YINI ABANYE ?

NGIKHULE kusagitshelwa kakhulu amabhasi akwaLoliwe (Railway), abebizwa ngama-phulumende, nezitimela, imvamisa abashayeli kungamaBhunu akhuluma isiZulu phaqa.

UHulumeni wamaBhunu ubekuqikelela ukuthi kuyo yonke imisebenzi okugcwele kuyo abomdabu, ufaka amaBhunu akhuluma isiZulu, yikhona ezokwazi ukusebenza nabantu, ezwe nalaba ababethathwa njengamaphekulazikhuni, abafaka umoya wokuvukela umbuso wawo kubantu. Nemisakazo yabomdabu ibiphethwe yiwo amaBhunu akhuluma isiZulu, abehlale egade abasakazi ukuthi abayikhulumi yini ipolitiki. 

Obekwenza lokho, yingoba bekusabusa umthetho wamabhunu i Job Reservation Act, obuwenza kube nemisebenzi eyenziwa ngabelungu kuphela.  Njengakho ukushayela kwaLoliwe, ukushayela izitimela, imikhumbi, namabhanoyi.  Konke lokhu bekuyimisebenzi ebekelwe abelungu kuphela ngezikhathi zobandlululo.  Nokho sekubusa uMnu PW Botha, ezinye izinto zixegisiwe, njengakho ukushayela kwaLoliwe, bangena abomdabu, kodwa kunelayisense yakhona kuphela yokushayela.

Ibhunu elingu Sikhwilinobhoko

Ibhasi elisuka eThekwini liphikelele koNongoma, belishayelwa yisiqhwaga sebhunu ebesibizwa ngo Sikhwilinobhoko.  Ubebizwa ngaleli gama ngoba ubengagcini lomlungu ngokukhuluma isiZulu, kodwa nokulwa ngezinduku ubekwazi.  Uma exabana nomgibeli, ubemethembisa isikhwili nobhoko.  Sengisebenza, ngisebenze eMnyangweni wezoLimo nawo obugcwele amaBhunu akhuluma isiZulu , oMbhunsu (Viljoen) obenguMeluleki wezoLimo wangakithi eMacambini. 

No Mnu Boshoff obephethe isiYingi ebesibizwa ngoGu Region ngaleso sikhathi, amahhovisi akhe eseShowe.  OMnu Steyn obephethe ozakwethu abasebenza ngemfuyo.  OMnu Laizenbee ebebembiza ngo Lezimbiza, abehlulwa wukusho isibongo sakhe (anginaso isiqiniseko ngesipelingi salesi sibongo), nabanye.  LamaBhunu abengathi uma ekhuluma ecashile ungawaboni, ucabange ukuthi ngamaZulu.  U Lezimbiza yena ubedlulele ngoba ubekhuluma ngiso izaga nezisho. 

Wabambeka nje ukuthi ungumlungu eyokhongela enye insizwa ayesebenza nayo khona eMnyangweni wezoLimo.  Wavele wamemeza esangweni wathi, “We Zondi, siyayikhuleka ingane yakho ! Siyayilobola ingane yakho bo !”  Emshinini kashukela waseMpangeni, iFelixton Sugar Mill , uMphathi wabeLuleki babalimi abaqaswe wumshini, uMnu Neil Wolhetor, ubekhuluma isiZulu esingaphezu kwesami.  Ngelinye ilanga ngaphambi kokuba kungene umhlangano wangibizela eceleni wathi, “Mkhatshwa, kunefindo engisafuna silithombulule”.  Wawungathini wena uzwa umlungu esho njalo kuwe ?

KwaSizabantu Mission

Lena yindawo yamakholwa ephakathi kwaKwaMaphumulo naKwantunjambili, ngomgwaqo osuka KwaDukuza ubheke eMndlovana (Greytown).  Abelungu abagcwele kuleMishini ngamaJalimane ngoba yasungulwa yiJalimane, uMfu Erlo Stegen.  Akuyona-ke into eyethusayo leyo ngoba nabalimi abamhlophe abakulendawo kuze kuyoshaya ko Kranskop, nakoNyuziphepha (Noodsburg), bangamaJalimane.

Abelungu baKwaSizabantu bakhuluma isiZulu phaqa.  Abenqeni abefundisi bakhona abamhlophe enkonzweni ukushumayela ngesiNgisi, notolika ngesiZulu kube ngumlungu okhuluma isiZulu phaqa.  Kushumayele uMfundisi womdabu ngesiZulu, kutolike omhlophe ngesiNgisi.  Noma kushumayele owomdabu ngesiNgisi noma ngesiJalimane, kutolike omhlophe ngesiZulu esihle nje.

Ngomunye unyaka bekufike isikole saKwaSizabantu sizodlala umdlalo we hockey e Stanger High School.  Indodana yami ibingomunye wabadlali.  Ithi bacishe behlulwa ngenxa yokumangazwa ngabadlali balesi sikole abadlala naso abangabelungu abazikhulumela isiZulu.  Uthi bebeze bame bangadlali besamangazwe wukuzwa abelungu bememezana ngesiZulu, bethi, “maka lowo lapho wena, wama nje !” Ngesikhathi belibele wukuhleka laba base Stanger High, iSizabantu iyalishaya igoli. 

AmaNdiya aKwaDukuza nesiZulu

Kulezi zinsuku enkundleni yezokuxhumana ebizwa nge Tik Tok, kunensizwa yoMndiya engu Cliff, ekhuluma isiZulu.  Isivule inkundla yabanye bomdabu baseNdiya abakhuluma isiZulu.  Iningi lamaNdiya awamemayo ukuba azokhuluma nawo kulenkundla u Cliff, ngawaKwaDukuza.  Iningi lamaNdiya ahlala KwaDukuza ko 14 (Glenhills), eThethe, e Dankopo (Doringkop), e Shaka’s skraal, KwaSigawula (e Glendale), nayehlala eMelville, nako Gledhow, nasemapulazini aKwaDukuza, isiZulu asikhipha ngamakhala.

Pho behlulwa yini abanye

Ukubona umlungu obephethe umhlangano ePhalamende e Cape Town, ephendulwa inkukhu ngamalunga e Economic Freedom Fighters (EFF), nawo Mkhonto weSizwe Party (MKP) ngoba nje ehlulwa wukuzwa isiZulu, kuyadumaza.  Umbuzo uthi wazalelwaphi lomlungu ? Uyekeleni ukufunda izilimi zabantu aphila nabo ezweni, bona belukhuluma olwakhe ?

Yiqiniso nje wukuthi abelungu abaningi nabaNdiya abafuni ukufunda izilimi zabomdabu.  Bona futhi abahlekwa uma bezibheda, futhi bezibheda ngamabomu.  Kanti uma owomdabu eke wabheda ezabo, uba yihlaya lonyaka.  Zonke izilimi eziyi 12 zisemthethweni ngokomthethosisekelo walelizwe, mazifundwe.  Ikakhulukazi ezikhulunywa kuleso sifundazwe umuntu azalelwe kuso.  Uma bekhona abelungu namaNdiya abakhuluma isiZulu njengoMzulu, bahlulwa yini abanye ?