Uncategorized

ZIMBI ZINTO E FRANCE – IZWE ALISENA HULUMENI

SEBUYABONAKALA ubuhlakani bukaMongameli wakuleli, uMnu Cyril Matamela Ramaphosa, okuthe noma esevumelene namaqembu amabili, i Democratic Alliance (DA), ne Inkatha Freedom Party (IFP), ukwakha uHulumeni, kodwa waqhubeka nokumemela ku Government of National Unity (GNU) amanye amaqembu.

UHulumeni kaMongameli Emmanuel Macroni wase France, ubuwakhiwe nguHulumeni woBumbano njengowase South Africa, ngenxa yokuthi iqembu lakhe alizitholanga izihlalo ezanele zokubusa lodwa.  UHulumeni wase France ubuwakhiwe yi France Unbowed (LFI), ne Socialist Party (PS), kwaba yi New Popular Front (NFP).  Lamaqembu asexatshaniswe wukungavumelani ngozokuba ngu Ndunankulu omusha emuva kokushiya kuka Nkk Gabroela Attal.

E France uMongamelu uqoka uNdunankulu, bese uNdunankulu eseqoka oNgqongqoshe azokwakha ngabo uHulumeni.  UNkk  Attal, obebukeka esekhulile, usesishiyile isikhundla sokuba nguNdunankulu.  Manje uHulumeni wokubambisana awusavumelani ngokuthi ngubani ozokuba nguNdunnakulu omusha, osekuphoqa ukuthi loHulumeni ongasenakhanda, ushiye. Lesi simo uMnu Macron sesimenza abe yinja engenamazinyo nakuba ephethe.

Kubonakala ukuthi nakuleli, ngokumema amaqembu amaningi kwi GNU, uMongameli Ramaphosa ubebalekela khona lokhu ukuthi uma ihoxa i DA, angasali encinda iminwe.  Manje noma sekungahoxa noma yiliphi iqembu kulana ayi 11 akhe i GNU, uMatamela neqembu aliholayo i African National Congress (ANC), ngeke basale bencinda iminwe.