OWABA wumdlali wonyaka we National Professional Soçcer League (NPSL) ngowe 1973, wadlala nakusikwata sezwe esadlala ne British XI, usedlulile emhlabeni.
U Lucas ‘Masterpieces’ Moripe wase Atterdgeville ePitoli, ungamchaza njengo Themba Zwane wama 70s. Bekuyinkinga yomdlali we Pretoria Bantu Callies, esibizwa nge Pretoria Calles, amaRoma.

U Moripe ubuye wayodlala phesheya e Hong Kong, edlalela i Caroline Hill. Uhlushwe kakhulu yidolo esedlalela i Orlando Pirates, wagcina eseliyekile ibhola. Uhlonishwe ngokuthi kuqanjwe ngaye inkundla yebhola yase Atterdgeville.
Ibizwa ngamaRoma ngoba kuyiqembu elasungulwa nguFata wamaRoma ukuze kudlale abafana ababesonta futhi befunda esikoleni samaKhatholika, e Atterdgeville.
U Masterpieces Moripe nguyena obeyinkanyezi (star), ye Bantu Callies. Udlale kakhulu nonozinti u Louis Kiwiet, nesishoshovu se Azapo, esagcina sesigqunywe ejele i Robben Island, u Patrick ‘Let them dance’ Molala. Amagoli e Callies abeqhululwa ngu Moripe no Molala.
I Pretoria Bantu Callies bekuyilona qembu elikhulu ePitoli, ibhola lisehlukaniswe ngokwezinhlanga. Elabelungu bekuyi Arcadia Shepherds.
Leliqembu labelungu lasePitoli, belidume ngabadlali abayizelamani zakwa Wergallie. Ngiyakhumbula ukuthi nobeyiMeya yakwaNongoma, uMnu Mangaqa Mncwango, esadlala ibhola eMpumelelo High School, eMahlabathini, naye ubebizwa ngo Wergallie.
I Sundowns bekuseyiqenjana nje lamaKhalathi, lingakathengwa ngu Zola Mahobe, okunguyena olisuse phansi walibeka kuleli zinga, ngaphambi kokubva aboshwe ngenxa yomkhonyovu wezimali zasebhange limbe lakuleli.

