KULINDELEKE inkulumo enohlonze kuMongameli Cyril Matamela Ramaphosa, ngoLwesine, njengoba ezokube evula ngokusemthethweni iPhalamende sekunoHulumeni omusha owakhiwe ngamaqembu amaningi.
Okungumlando lapha wukuthi uHulumeni wakuleli usuwakhiowe ngamaqembu amaningi, akusabusi iqembu elilodwa, kodwa lona seliyawuhola. Livulwa nje kade kune Lekgotla yoNgqongqoshe noNdunankulu bezifundazwe eziyi 9 zakuleli. Bekwakhiwa umhlahlandlela wokubusa koHulumeni woBumbano, i Government of National Unity (GNU).
Kuzokube kuqala nokuba khona kweqembu elisha eliholwa ngoke waba nguMongameli wezwe, uMnu Jacob Gedleyihlekisa Zuma, uMkhonto weSizwe Party (MKP). Lizovulwa iPhalamende kade ngayizolo kunomhlangano wokuqondisana izigwegwe phakathi kwakhe neqembu lakhe elidala i ANC.

