KUQOPHEKE umlando ezweni lase Rwanda kuvota abantu abangama 99% ebebebhalisele ukuvota, kanti amavoti asebaliwe akhombisa ukuthi uhamba yedwa uMongamelu Paul Kagame, izimbangi zakhe ezimbili azibonwa nangokhalo.
Ayaziwa indlela isosha elingu Mongameli Kagame eliyisebenzisile yokwenza abantu baphume kangaka. Abanye bathi abavoti ugqozi balufakwa wukubona imisebenzi emihle eyenziwa ngu Mnu Kagame ezweni. Abanye bathi ingani yisosha leli, izimbangi eziqinile azilitholi ithuba lokulibangisa.
Unqoba nje uMnu Kagame, nase Brithani kusanda kuzwakala izindaba ezimnandi kubantu base Rwanda. Phela bese kuphume umthetho othi bonke abantu base Rwanda ababekhoseliswe khona ngenxa yesibhicongo sokubulawa kwama Tutsi, sebebuyiselwa emuva. Uthe engena nje uNdunankulu omusha u Sir Kier Stermer, wathi akukho muntu wase Rwanda ozoxoshwa eBrithani.
