NGENDLELA esebevote kaningi ngayo abantu base Newcastle ezinkethweni zokuchibiyela ngaphansi kukaMasipala wabo, cishe abasadingi nokufundiswa ngokuthi kuvotwa kanjani, njengoba nje bezophinde bavote ku Ward 28, eMadadeni, ngoLwesithathu.
Le Wadi ibiphethwe yiKhansela leqembu elibizwa nge Team Sugar noma TSSA, okuyiqembu elixebuke ku Economic Freedom Fighters (EFF) kulendawo yase Newcastle. Libe seliyinqoba le Wadi liholwa ngu Mnu Musa ‘Shukela’ Thwala. Yilona elibe wumbeki wenkosi kuMasipala wase Newcastle, labeka i Inkatha Freedom Party (IFP), okwenze ukuthi ilinikeze isikhundla sika Sekela-Meya, okube ngumholi wayo uMnu Thwala.
Okumenze abe nogazi uMnu Thwala, wukulwela kwakhe izisebenzi zemboni yendwangu eNyukhasela esengumholi we EFF. Utno ngaso linye ne IFP ngokuzwakala kwamahlebezi okuthi useqala ukudla ngalukhezo lunye ne EFF/ANC. Kusolakala ukuthi amanye amakhansela eqembu lakhe akakuthandanga lokho. Wagcina esemiswa, kwahoxiswa ubulungu bakhe yize enguMsunguli.
Nokho ugcine esiphonsele inselelo eNkantolo lesi sinqumo seqembu lakhe nesoMasipala sokuveza isikhala sekhansela ku Ward 28, njengoba kuzovotwa nje ngoLwesithathu. Uyavela namanje ohlwini lwalabo abalungenele lolukhetho emele yona i Team Sugar. Ingabe I IFP esihlwithe amawadi amaningi eNyukhasela izokuphinda lokho ? Yona ukhetho ilungenele ngo Mnu Johan Bonginkosi Zwane.
I African National Congress (ANC) esidlelana ne IFP ezingeni likazwelonke nelesifundazwe, ilungenele ngo Mnu Praismon Buti Maya. I EFF ilungenele ngo Mnu Banele Njabulo Kubheka. I Rise Mzansi, nayo eku GNU kuzwelonke, ilungenele ngo Mnu Ntokozo Floyd Sibisi. UMkhonto weSizwe Party (MKP), ulungenele ngo Mnu Mesuli Mhlengi Mabaso.
Lolukhetho lokuchibiyela luzokuba khona nakwezinye izifundazwe. Kwesase Eastern Cape luzokuba semaWadini amabili e Amahlathi Municipality, ku Ward 7 no Ward 11. Lendawo ifaka lamadolobhana, i Stutterheim, Keiskammahoek, Kei Road, ne Cathcart.
E North West luzokuba kuma Ward amabili e Matlosana Municipality. Ku Ward 1 naku Ward 25. Elinye lamadolobha angaphansi kwalo masipala, yi Klerkdorp, enezimayini.
