SINGENE kwakhala amakhwela sizogijimia owamanqamu e 200 m isichomachomane saseMelika esingumpetha ka 200 m, u Noah Lyles, kanti ekugcineni sizophoxwa yinsizwa yase Botswana.
Kuvele kwaphakama onke amafuleki amazwe ase Africa, kubalwa nelase South Africa, ngesikhathi umfana wase Botswana, uTebogo Letsile, eluhlwitha endleleni udumo lwesichomachomane esingu Lyles.
Besizethembile kakhulu singena, senza njengoba besebenza naku 100 m silingisa Usan Bolt, kodwa umehluko ku Bolt naso, wukuthi u Bolt ubewina ingcaca, kanti okuka Lyles ukunqoba kuba nezikhalwana. Abanye basakholwa ukuthi naku 100 m akamehlulanga umgijimi wase Jamaica ongu Kishane Thompson. Abaningi bakholwa wukuthi lensizwa ibanjwe inkunzi nje libalele.
Kulo we 200 m, zisasuka phansi ubephambili u Lyles, kodwa zithe sezibheke kuMalethe, waqhamukisa okonyazi uTebogo, wawunqoba umjaho, wathola igolide. Empeleni lomgijimi wase Botswana selokhu ekhombise ukuba yingozi iqala nje lemidlalo yama Olympics 2024 ese Paris, e France. Nakuma Olympics edlule e Tokyo, uTebogo wacishe wamphazamisa u Lyles.
Emuva kokwephucwa iqatha emlonyeni, ischomachomane sithe besifihlile ukuthi kade siphethwe yi Covid. Abanye bathi sekuyizaba zendoda. UTebogo yena ongazithwele, uvele wafikelwa wumunyu wokungabikho kukanina osanda kumshiya emhlabeni, u Elizabeth Seratiwa. Wathi leligolide ulinqobele yena. Lensizwa izalwa eKanye, okuyindawo esemngceleni we Botswana ne South Africa.

