EMUVA kokuthi uNdunankulu wesifundazwe i Western Cape, uMnu Alan Winde, etuse uSekela-Mongameli we Economic Freedom Fighters (EFF) ngokuthi nguyena owaphumelelisa uHulumeni woBumbano kuleli, ngezinkulumo zakhe, kuzwakala ukuthi useyawugqinsila umthwalo kuleliqembu uMnu Shivambu.
Kulindeleke ukuthi i EFF ibe nesithangami sabezindaba emini ngehora lesi 12, ibikele isizwe ngobuqiniso balolu daba. Izimbobo zomuhlwa sezimkhomba eqembini uMkhonto weSizwe Party (MKP) eholwa ngu Mnu Jacob Gedleyihlekisa Zuma.

