Ezase Africa

UNGAQOPHEKA KABILI MLANDO OKHETHWENI LWASE NAMIBIA KUSASA

KULINDELEKE ukuba luqophe umlando ofana nowangonyaka we 1990 ukhetho lwase Namibia oluzokuba kusasa ngoLwesithathu, okungukuqokwa ngokokuqala kukaMongameli wezwe wesifazane, noma abavoti izwe balinikezengethileyi iqembu eliphikisayo ukuba lilibuse.

Sekusezandleni zabo abavoti base Namibia ukuba basho ngo X babo ukuthi basafuna yini ukubuswa yiqembu i South West Africa Peoples’ Organisation (SWAPO), eselibuse i Namibia kusukela ngowe 1990 lisaholwa nguMongameli Sam Nunjoma, kuze kube manje. Noma sebefuna ukubuswa ngelinye iqembu. I SWAPO isithi manje abantu mabayikhethe sebeyibuka ngelinye iso, njengoba isiphakamise igama lomuntu wesifazane ukuba abe nguMongameli wase Namibia uma inqoba. Ophakanyiswe yi SWAPO ngu Nkk Netumbo Nandi-Ndaitwah. UbenguSekela Mongameli wezwe.

Abaningi bebebheke ukuba isikhundla sikhankaselwe nguMnu Nongolo Mbumba we SWAPO, nobesenguMongameli wezwe, emuva kokwedlula emhlabeni kukaMongameli Hage Geingob, odlule ekuqaleni kwalonyaka. Nokho amahlebezi athi uMnu Mbumba kuthiwa uthe ubezithatha njengoMongameli obambili, akafune buMongameli yena. Ingabe uMnu Mbambo usola ukuphoxeka kwe SWAPO ?

Uma ingabuyelanga emandleni i SWAPO, kuyobe kuqopheke umlando wokuthi kube ngokokuqala ngqa i Namibia ibuswa ngelinye iqembu. Imiswe kabi ngomunye owayesebuholini bayo iSWAPO, uDkt Panduleni Itula, ohola iqembu i Independent Patriots for Change (IPC). Ungudokotela wamazinyo, futhi unguMmeli.

Ukhetho oselwedlule emazweni mazwe aku Sadec, lubonakala lukhombisa ukukhula kwentando yeningi kumazwe akule region. E Zambia kuqokwe oweqembu eliphikisayo. Kwanjalo nase Lesotho. Kwanjalo nase Botswana. Elase South Africa lithenwe amandla, lase libusa ngokubambisana namaqembu ayisi 9. Kolwase Mozambique, abantu bakhona abawamukeli umphumela wakhona onikeze iqembu elibusayo u 70%.