Ezase Africa

IZITHELO ZOBUDLELWANO BE CHINA NE AFRICA

YENZA ezibukwayo i China lapha e Africa, njengoba isiyenze imisebenzi emikhulu (projects) kusukela phansi e South Africa, kwenyuka kuze kuyoshaya e Africa esenhla.

ngaphandle kwemisebenzsi eminingi esiyenzile e South Africa, kodwa ogqame kakhulu ngowebhuloho okuthiwa lizokuba likhulu kunawo wonke ase Africa, elakhiwa phezu komfula uMtentu, esifundazweni i Eastern Cape, eMaMpondweni. Leli bhuloho libizwa ngokuthi yi Msikaba Bridge. lakhiwa yinkampane yase China, iMota, nati esithombeni ngezansi.

ezweni elingumakhelwane wethu iMozambique, nakhona i China isiyakhe ubhazabhaza webhuloho iKatembe Bridge, eMaputo. lixhumanisa idolobha iMaputo nendawo yokuhlala (suburb) iKatembe. Linqamula iChweba iMaputo Bay, kanti lingamakhilomitha amathathu ubude. uyakwazi ukusebenzisa lona uma usuka eMaputo uya e Kosi Bay, KwaZulu-Natal nase Ponta Do Auro. Njengoba umgwaqo usungcono ngokwakhiwa kwalelibhuloho, sekululka nokusuka eKosi Bay uya edolobheni i Ponta Do Auro. Uhambo lokuya eMaputo usuka eKosi Bay selunciphe ngamahora amathathu. Sekuthatha amahowa ayisithupha.

E Tanzania

nase Tanzaniay enze okufanayo i China. Isiyakha ubhazabhaza webhuloho eliqanjwe ngowayenguMongameli wase Tanzania owedlula emhlabeni ngesikhathi sesifo sokhuveth, uMnu John Pombe Magufuli, obedume ngokuhlakanipha. Lona lithi malibe lidana kancane kune Msikaba Bridge, ngoba lingamakhilomitha amathathu nokubili. Nasi ngezansi isithombe salo.

I China yakhe ikomkhulu le African Union

Namahhovisi kanokusho eNhlangano yoBunye be Africa, i African Union (AU), akhiwe yilo lelizwe i China, eyaziwa ngokuba nompetha bokudweba into ezokwakhiwa. Laba abenqeni ukwakha ibhilidi okungathi liyawa, kodwa elingeke liwe nhlobo. Lamahhovisi nezindawo zokuhlanganerla izikhulu ze AU asedolobheni i Addis Ababa, eThophiya. Makukhumbuleke ukuthi ukusunguleka kwe AU ebikade iyi Organisation of African Ununity (OAU), kweaba wumbono kaMnu Thabo Mbeki esenguMongameli wase South Africa. Nasi isithombe sekomkhulu le AU ngezansi.

Ubhazabhaza wesibhedlela e Burkina Faso

Ezweni eseliphethwe nguMongameli oyisosha, uKaputeni Ibrahim Troure, i China isisebenzisane naye ukufeza iphupho lakhe lokwakhiwa kwesibhedlela sikanokusho e Burkina Faso. Lena ngenye yama projects amakhulu asenziwe nguKaputeni Traore selokhu ethathe izintambo zombuso. Lesi sibhedlela siyingxenye yesikhungo semfundo ephakeme, i Gaoua University. Naso-ke isibhedlela sibizwa nge Gaoua Regional University Hospital. Okusho ukuthi sizofundela odokotela neminye imikhakha yezempilo. Nasi ngezansi isithombe.

I Xolani Weekly Journal ibale nje ama projects ambalwa kwamaningi kakhulu asennizwe yi China e Africa, kubalwa namadamu amakhulu. Iziphehli-gesi, izikhungo zokwakha izimoto, njalo njalo.