AKAKASUKI namanje ezingqondweni zabantu abaningi bezwe eliseNtshonalanga ye Africa, i Burkina Faso, owayenguMongali waleliyazwe owalibusa nje iminyaka emine, base bemsoconga, uKaputeni Thomas Isidore Noel Sankara.
Ulithathe leliyazwe lisabizwa nge Upper Volta. Kuleminyakana nje embalwa ebusa leliyazwe uKaputeni Sankara, owayeyisosha, akekho umuntu obelala engadlile. Wonke umuntu ubenikezwa ukudla kabili ngosuku. Wakhe ingqalasizinda eningi ezweni lakhe. Waze wagcina esehole uhlelo lokushintshwa kwegama lezwe langabe lisaba yi Upper Volta, laba yi Burkina Faso. Okusho izwe labantu abangangenwa yinkohlakalo.

UKaputeni Sankara ubengafuni nakuyizwa indaba ye nhlangano yomhlaba ebolekisa ngemali, i International Monetary Fund (IMF). Ubephuce izimoto eziphambili oNgqongqoshe bakhe nezikhulu zabo. Nasembusweni wazidayisa zonke izimoto eziphambili. Zonke izikhulu bese kufanele zihambe ngezimoto nje ezejwayelekile emphakathini. Wavala ukusokwa kwamantombazana okwenziwa enhla ne Afrika. Lapho kusikwa khona izicubu ezithile esithweni sangasese.
Wavala nokuganiswa kwamantombazane ngenkani. Wanqabela nesithembu esiphoqiwe. Bonke ongqongqoshe nezikhulu zikaHulumeni ebezidla izimali zombuso, zagudluzwa emhlabeni. Yilokho-ke okumemze wanyamana mbana ezinhlanganweni zamalungelo esintu. Wagcina ebulewe ngamasosha abeholwa ngu Mnu Blaise Campaore, ogcine esenguMongameli wezwe Emuva kwakhe.
Naye uMongameli Campaore, ugcine esevukelwe ngabantu esiswini, bambhikishela, wakhishwa esikhundlenui. Wagcina eboshelwe icala lokusoconga uKaputeni Sankara.
U Kaputeni Ibrahim Traore
Abantu base Burkina Faso bathi kuvuke yena nezinqotho uKaputeni Sankara ngokuthathwa kwezintambo zombuso ngelinye isosha elingu Kaputeni Ibrahim Traore (36). Lenza konke okwakwenziwa ngu Kaputeni Sankara. Intuthuko bathi isiyageleza kuleli yazwe. useqede nobudlerlwane nezwe i France, ayithatha ngokuthi ixhaphaza amazwe ase Afrika, lana angamathanga ayo, abepolitiki abawabiza ngama Franko-phone Countries.

Kumanjenje wakha ubhazabhaza wesibhedlela esiyi University Hospital, sezinga eliphambili kakhulu. UMongameli Traore uthathe izintambo zombuso, ezithatha ngelibomvu ngeka September, 2022. Ezihlwitha kuMongameli Paul-Henri Sandaogo Damiba. Uthathwa njengoMongameli osemncane kakhulu emhlabeni wonke jikelele.
