UMQEQESHI we Bafana Bafana u Hugo Broos, usembuyisele esikwateni unozinti woSuthu, uVeli Motha, emuva kokuqokwa izikhathi zilandelana njengomdlali wosuku emidlalweni yoSuthu ye Dstv.
UMotha uzakhele ugazi kubalandeli bebhola bakuleli ngesikhathi kudlala imidlalo ye Afcon 2023 e Ivory Coast, lapho iqembu lakuleli lidlale laze layokhishwa kuma semi final, likhishwa ngelase Nigeria. Nakuba ebelokhu esebhentshini uMotha, kodwa ibimangalisa indlela abebonakala esekela ngayo ozakwabo ebebedlala. Kuze kwanomdanso wakhe abanye abadlali ebese bewudansa naye uma bejabulela ukushaya igoli kulemidlalo.
Emuva kokuba engasasitholi isikimu eqembini lakhe amaZulu FC, neBafana Bafana imkhiphile. Usebuyiselwe manje, ukhona kulaba badlali abangama 23 abazodlala ne Nigeria khona e Nigeria, ziyisi 7 ku June nonyaka. Omunye uyodlalwa ne Zimbabwe ziyi 11, udlalelwa ekhaya.
Nampa abadlali uMqeqeshi abaqokele lemidlalo yomibili;
Onozinti abathathu ngo; Ronwen Williams, Ricardo Goss, no Veli Motha.
Abadlali basemuva ngo; Sydeney Mobbie, Thapelo Morena, Nkosinathi Sibisi, Aubrey Modiba, Siyabonga Ngezana (obekhalelwa ngabaningi), isilomo se Afcon uMthobi Mvala, Grant Kekana, no Khuliso Mudau.
Abadlali basesiswini ngo; Tebogo Mokoena, Sphephelo Sithole, Jayden Adams, no Bathusi Aubaas.
Abagadli ngo; Themba Zwane, Jooram Rayners, Percy Tau, Oswin Appollis, Patrick Moswangayi, Iqraam Rayners, Elias Mokwana, Lyle Foster, no Relebohile Mofokeng,.

