NGIQALE ukumbona ngamehlo esemncane umculi womculo kamasikandi uKhuzani Mpungose, ngihambele umcimbi wokuvulwa kwamahhovisi enhlangano yentsha yaseNkandla, eNkungumathe, ekhona kubo kaKhuzani kwesakwaMpungose, kwesenduna uNovakashela umfoka Mahaye.
Lamahhovisi axubene nezindawo zokuhlanganela, nokufunda asetshenziswa yiNkungumathe Youth Organisation. Akhiwa yi Sasol, njengoba yase izowethula emphakathini ngalolo suku lukaKhuzani. Wawumkhulu lomcimbi, uhanjelwe nguSekela-Ngqongqoshe owayesuka ePitoli, uNkk Thompson, no Nkk Dudu Khoza woKhozi FM. Emuva kokucula kwengqwele engu Thokozani Langa, sacelwa ukuba siyokudla etendeni lezihambeli. lapho kwase kuzongena yena uKhuzani. Wayengakanakeki nje, kodwa ubona ukuthi uyathokozelwa endaweni yakubo. Lapha ezivakashini nezicukuthwane wayengaziwa muntu, ngisho uDudu kHoza imbala. cishe oKhozini wayesaziwa ngu Ngizwe Mchunu no Tshatha Ngobe kuphela.
Ezicukuthwaneni yiNkosi yakwaMpungose kuphela eyakhombisa ukumthakasela lomfana omncane owayemi emnyango wetende ebhincile, egaxe isiginci. Yaze yaya kuye yayomxhawula. Thina saphuna naye uLanga sayodla etendeni lezicukuthwane. Cishe wayengakabi nayo nemoto uKhuzani ngoba babefike ngekhumbi ebomvu yodumo komasikandi. Ngaleso sikhathi komasikandi kwakusabhilite ipolitiki ye Est ne West. Babengezwani abaculi baleziozinhlangothi zombili. Angazi-ke ukuthi ikhumbi ebomvu yayiphuma kuluphi iuhlangothi. Ingakabibikho lempi kaKhuzani noMthandeni.
UMTHANDENI NOKHUZANI ABAKAZE BAXABANE
Usanda kusho-ke kulezi zinsuku uMthandeni ukuthi bona noKhuzani abakaze nje baxabane. Lento yokuncintisana kobunsizwa yakhiwa ngowayengumsakazi woKhozi FM, uNgizwe Mchunu, ukuze umculo wabo uthengwe kakhulu. Empeleni abukho nhlobo obuthakathi kwabo. Nakuba uKhuzani yena engakaze asho luthi ngalesi sitatimende sikaMthandeni, futhi asifakazayo noMchunu, kodwa lokhu kufakazelwa wukuthi ngesikhathi uMthandeni eshonelwe ngunina uMaShandu, uKhuzani wawuthumela umyalezo wokukhalela uMthandeni. Namhla uKhuzani eshonelwe ngugogo wakhe, uMthandeni wawuthumela umyalezo wokumkhalela uzakwabo emculweni uKhuzani. Yizitha lezo ?
Naphezu kokuba bake bevele kuma video bexabana baze bahubhane oNtibane ohamba noKhuzani futhi ongumfowabo, noMshovo ongumfowabo kaMthandeni, naye omgidelayo, kodwa abantu bamangele odwendweni lweNtibane, bebona kungena uMshovo noTekisi abagidela uMthandeni. Bangene baqonda ngqo lapho obekuhlezi khona uNgizwe, neNtibane, noKhuzani, bayoxhawulana. Kubonakale ukuthi zijabule zombili lezi zinhlangothi. Akuzwakali ukuthi kukhona okubi okubavelele kulolu dwendwe oMshovi noTekisi. Yizitha lezo ?

ABALANDELI NOBUTHA
Abantu esebeyenze yaba wubutha ngempela lento, ngabalandeli babo. Lento ibiyenzeka naphakathi kwabalandeli bakaMgqumeni neNdidane. NabakaMgube nabeNdidane. Nabaka Thokozani Langa nabaka Bhekumuzi Luthuli. Nokho bekushiwo ukuthi lona wumdlalo wezinsizwa. Nokho kuba kubi uma izinsizwa sezixoshana ngezibhjamu. Ukuklolodelana yiyonanto vele owayeyihlosile uNgizwe, ngenhloso yokuphusha ukudayiswa komculo wabo laba baculi. Lokhu kuklolodelana, okuyingozi nokho, kwenza abalandeli babo bawuthengele enkanini umculo walezi zinsizwa. Nokho okubi wukuthi abalandeli babuye bangawuqondi lomdlalo.
Vele nje yinto endala ukuthi izinsizwa zasemakhaya ziyawubanga umculo. Ngakithi nje kwaMangqakaza naseNgulule (eMacambini), bekuba kubi impela ngezinsuku zehlahla kwaNdlovu naseMgovuzweni. Izinsizwa bezixoshana zize ziyophonsana emfuleni iNyezane, kubangwa nje ukuthi ngobani abacule kahle isicathamiyeni. Bekungakhathaleki ukuthi kuyaziwa ukuthi izinsizwa zaseMaGengeni, kwaMangqakaza, ebeziholwa nguMathenga umfoka Mgenge, bezingenhla ngomculo. Kwaze kwasuka impi yezigodi phakathi kwaMabomvu namaNgocolosi, e Kranskop, kubangwa nje ukuthi ngesikhathi kusinwa ingoma izintombi zakwaNgcolosi beziliqinisa kakhulu ihlombe uma kusina izinsizwa zakwaNgcolosi, zilithambise kwezaseMabomvini. INtunjambili nedolobha i Kranskop kukwaNgcolosi.
OKUHLE NGOMNCINTISWANO WO KHUZANI MTHANDENI
Okuhle ngomculo kaMthandeni noKhuzani, wukuthi yiwona osukhuthaze umswenko nobugcokama ezinsizweni. Wakhuthaza izinsizwa ukuba zakhe emakhaya. Zozobombili lezi zinsizwa zakhe iziphihli zezindlu zikanokusho emakubo eMdletsheni naseMandaba. Zinemizi futhi e Gauteng. OkaKhuzani usePotoli, komntakabani. Banezimoto eziphambili, futhi banemisebenzi emihle futhi abayenza emiphakathini yangakubo. Kunomfana nje osengudokotela, osanda kuvela ezobonga kuKhuzani ukuthi wamnikeza imali yokuqala yokukhokha eNyuvesi yobodokotela esemelwe yingqondo, engazi ukuthi uzobhalisa ngani. Wase eyozilahla eqhaweni lakhe uKhuba.
Abalandeli balaba baculi kufanele kubagqamele ukuthi kuyadlawa la, akuliwa. Kuyaziwa ukuthi uMphatheni Mfazomnyama Khumalo, uma emculweni wakhe ekhuluma ngoManukelana, ubesuke egudle u Samson Thwalofu Khoza. Bekungathi abezwani ngoba bebehlaselana njalo uma sebecula. Ngelinye ilanga uThwalofu esemsakazweni uKhozi FM, uTshatha uyambuza ngobutha bakhe noMfazomnyama. Ebuza ukuthi babengakhulumisani ngempela na ? Impendulo kaThwalofu yathi; “Kanti wubani owayengithatha ngemoto uma sengiphuzile angise emkhukhwini wami e Bacelona ?” Echaza ukuthi wayethwalwa yiso ‘isitha’ sakhe uMfazomnyama, ngoba sona sase sinemoto.

Ngamanye amazwi uMfazomnyama wayengeke ambukele umnewabo uThwalofu adlale izigebengu eGoli ekhona. Kwakungebona ubutha bangempela, kodwa kwakuwukuklolodelana kobunsizwa. Emuva kokuzwakala kwezindaba zokushona kuka Mtshengiseni Gcwensa, kuzwakala ukuthu umuntu wokuqala ukuyovela ekhaya leNdidane e Solomon Linda (e Pomeroy), kwaba ngu Ali Mgube, okwakwaziwa ukuthi abezwani. Wachaza lapho uMgube ukuthi babesuke bengcwekisana ngobunsizwa nje neNdidane, kodwa babezwana. Waze waveza ukuthi noma behlangaqna edolobheni eMndlovana (Greytown), nguyena uGcwensa owayemmemeza uMgube, babingelelane ngobunsizwa.
Kwaba njalo namhla kushone uBhekumuzi Luthuli wakwaMaqumbi, kwaMaphumulo. Owokuqala owezwakalisa ukukhala kuqala emsakazweni ngu Thokozani Langa. Naye wakubeka ukuthi babengaxabene noMshibe, kodwa babengcweka njengezinsizwa. Abalandeli bakaKhuzani noMthandeni mabakuqonde lokhu. Kungaze kuphume izidumbu. Useshilo uMthandeni ukuthi yena usephumile kulomdlalo kamangcofana no Khuzana, ngoba awusenasidingo. Wathi bobabili sebefikile esicongweni. Sekufanele bacabangele abaculi abasakhula kulomculo. Babe yisibonelo esihle kubo.
