Ezikaqedisizungu

AKUSENSUKU ZATSHWALA KUBUKWE INDLOVUKAZI YA MABOLOBEDU U QUEEN MODJADJI KU 161

INTOKAZI enhle ngebala layo elimnyama, indoni yamanzi yoqobo, u Makoma Mohale, owaziwa ngo Thlogi ku Scandal, izobonakala ngokugqamile ku Channel 161, kulezi zinsuku, idlala indawo yeNdlovukazi yabeSuthu kumbe abaPedi, iNdlovukazi uModjadji emdlalweni i Queen Modjaji.

Le ntokazi uma uyibuka, uvele uvume kancane ingoma yomculi kamasikandi osewalala, iChalaha likaShafuza, ethi, ‘Zidla Mthimuni, zimnyama zonke’. Athi leziya ntombi zimnyama zonke kodwa zinhle. OwaseMabomvini usuke ebabaza ubuhle bentombi emnyama ngebala. UMohale oneminyaka yobudala engama 27, usezakhele igama edlalaku Scandal, indawo yentokazi ebambisene nomyeni wayo uMdala, ebhizinisini lokudla eGoli. Ibuye iphunyuke ixegelwe yisimilo njengoba umyeni wayo eze wabulala umakhwapheni wayo. Kuthe sebesohlelweni lokwehlukanisa, lentokazi yabuye yathandana nomngane womyeni wayo u Taps. Savuka isikhwele kumyeni, wayibuyisa.

Ekhuluma nephephandaba iSowetan, uMohale uthi ujabule kakhulu ukuzithola edlala indawo egqamisa amasiko esizwe sakubo ama njengoba nayo ingu mBolobedu ngokwegazi. Idlala indawo yeNdlovukazi yalesi sizwe, u Queen Modjadji.

Lomdlalo uzoqhubeka ukhonjiswe yize iNdlunkulu yamaBolobedu ibisuwufake eNkantolo, ikhala ngokuthi ayaziswanga kahle ngawo. Nokho iNkantolo ePitoli ilukhiphile loludaba ohlwini lwamacala, ngokubika kswentatheli ye Sowetan, u Masego Seemela. Lomdlalo obonakala uzokuba nedumela loweLembe isibili, ngoba uveza amasiko esizwe, uzoqala ukukhonjiswa ngeSonto ku 161.