OWAKWENZA kubo uKhuzani Ndlovu, odume ngelika Gatsheni emculweni kaasikandi, usekwenza emzini wakwa Ntimbane, ngakubo esigodini saseNtumbane, oPongolo, onendlu engawa noma yinini.
Lomculi osewaxhawulwa ngisho nanguMongameli wezwe uMnu Cyril Ramaposa (njengoba sibona esithombeni), ngenxa yolozolo lomculo wakhe, uthe wathi ezelulela izinyawo ngakubo, wazithela phezu kumuzi wakwa Ntimbane onendlu engawa noma yinini. Kwavele kwavuka enhliziyweni yakhe usizi naye aphuma kulo izinto zingakamhambeli kahle kwezomculo.

Ube esezijuba engena kulomuzi eyofuna ukuqonda ukuthi baphila kanjani abantu bakhona. Esezwile ngosizi lukamama wakhona osehola imali kadekle, kodwa engakwazi ukwenelisa izidingo zomndeni, uGatsheni ube eseqala ukuwuthengela ukudla okwenele ukuba udle isikhathi eside. Akagcinanga lapho. Ube esezibophezela ukuthi ayokwakha indlu engconywana kulomuzi wakwa Ntimbane ngengxenye yemali eyongena ngomcimbi waminyaka yonke wedili lomculo kamasikandi oPongolo awuhlela minyaka yonke. Uzokuba kulenyanga ephezulu.

Kuzokhumbuleka ukuthi nobizo wakhe, uKhuzani Mpungose, wasesigodini sase Mandaba, kwesakaMpungose, eNkandla, naye sekukuningi asekwenzele umphakathi kubalwa nensizwa esingudokotela manje, eyayicela kuye imali yokuqala yekubhalisa eNyuvesi eyofundela ubudokotela.
Unxenxa nabo bonke abathintekayo uma bebona isithombe salomuzi, ukuba baphonse esivivaneni. Wakhipha inombolo ye akhawunti yebhange ye Gatsheni Foyundation. iyatholakala ekhasini lakhe ku Facebook. Nokho useqalile yena nalabo esebefakile ukuyakha lendlu. Kulindeleke ukuba izikhiye zayo zinikelwe kulomndeni ngosuku lwedili lomculo kamasikandi oPongolo.
Esithombeni simbona uGatsheni ehlezi egcekeni phambi kwendlu nabondeni wakwa Ntibane. UGatsheni uqala endaweni yakubo ukubuyisela emphakathini omfukulile ngokuthenga umculo wakhe.

